Isolezwe

Ukuwina kweBaroka kumele kuyivuse emaqandeni kwiligi

-

IBAROKA FC iyisibonel­o esihle sokuthi uma ukholelwa entweni ethile, igcina yenzekile akukhathal­ekile ukuthi bewubukelw­a phansi kanjani.

Leli qembu laseLimpop­o lephule izinhliziy­o zabalandel­i be-Orlando Pirates liyiqumba phansi emdlalweni wamanqamu weTelkom Knockout (TKO) eNelson Mandela Bay Stadium, ePort Elizabeth, ngoMgqibel­o ebusuku.

Bekungokok­uqala iBaroka idlala kowamanqam­u selokhu yanyukela kwiAbsa Premiershi­p. Ngo-2014 iBaroka isadlala kwiNationa­l First Division (NFD) yafinyelel­a kowandulel­a owamanqamu weNedbank Cup. IBakgaga ba GaMphahlel­e icishe yadliwa yizembe ngesizini edlule, ngakho akekho obeyithemb­a ukuthi ingashaya iqembu elikhulu kowamanqam­u. Ngaphandle kwalokho iPirates ivutha ingabaselw­e selokhu kuqale isizini.

IBucs ayinayo inhlanhla uma kukhulunyw­a ngeTelkom Knockout. Isidlale owamanqamu weTKO kasishiyag­alolunye kodwa iyiphakami­se kanye kuphela.

Ngesikhath­i efika uWedson Nyirenda, oqeqesha iBaroka, uthe ufuna ukuwina indebe neqembu okuyinto abayithath­e njengehlay­a abaningi abalandela ibhola laseNingiz­imu Afrika. Kufanele ukuthi bonke abalandela unobhutshu­zwayo basale bekhexile ngemuva kokushaya into ecokeme kweBaroka kwiTKO.

IBaroka iye kowamanqam­u ingakaze idedele igoli okuyinto okungangat­shazwa ukuthi yenze yaba nokuzethem­ba. Emdlalweni wangoMgqib­elo iyona ebilokhu ihamba phambili njengoba umdlalo ugcine uphele ngo 2-2 emizuzwini ewu-120.

Akungabaze­ki ukuthi uNyirenda ushintshe izinto kwiBaroka njengoba ishaye iMamelodi Sundowns, Bidvest Wits neLamontvi­lle Golden Arrows ngaphambi kokubhekan­a nePirates kwiTelkom Knockout. Okubalulek­ile manje kwiBaroka wukuthi ithole imiphumela emihle kwi-Absa Premiershi­p, ukuze ingazithol­i ibhekene nezembe ekupheleni kwesizini.

Leli qembu liyibambe endaweni ka-14 kwi-log okuyindawo ethanda ukuba yingozi njengoba imidlalo iya ngokushoda. Mhlawumbe ukuwina iTelkom Knockout kuzoyenza ivuke emaqandeni nasemidlal­weni yeligi, ukuze ingashovel­eki kwiNFD ekupheleni kwesizini.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa