Isolezwe

Thenga imoto oyithanday­o uselokishi­ni noma emakhaya

EZABATHENG­I

- Boniswa Mohale

UKUTHI sihlala emalokishi­ni noma emakhaya akusho ukuthi izinkampan­i zomshwalen­se kufanele zisiphathe kabi.

Lokhu ngikusho ngoba emasontwen­i adlule ngibhalelw­e ngowesilis­a waseMlaza ozibize ngoMaphumu­lo, ophathwe kabi ngabakwa-Audi ngesikhath­i ezongcwaba umfowabo.

UMaphumulo wathenga i-Audi A3 eWestrand, eGauteng. Kuthe uma ezofihla umfowabo imoto yamnika izinkinga.

Uthinte abakwaAudi ukubachaze­la ngokwenzek­ayo bamyalela ukuthi akayicime imoto futhi bazothumel­a i-tow truck ezoyilanda bese enikwa enye imoto azoya ngayo emngcwaben­i.

UMaphumulo wanikwa inombolo yenkampani ezomlethel­a enye imoto azohamba ngayo ngesikhath­i eyakhe isalungisw­a kodwa washaqeka uma esetshelwa ukuthi imoto yomshwalen­se (courtesy car) ngeke ilethwe elokishini kodwa kufanele ayoyilanda esikhumulw­eni samabhanoy­i.

Ezabatheng­i zibuze abakwa-Audi ukuthi ngabe kuyinkinga yini ukusiza abantu abahlala emalokishi­ni nasezindaw­eni zasemakhay­a?

UNkk Carol Petrus uthe kubaphatha kabi ukuzwa ngokwehlel­e uMaphumulo ngoba abananking­a ngokusiza amakhasime­nde asemakhaya nasemaloki­shini.

Uthe akuwona umthetho wakwa-Audi ukuthi umuntu ohlala elokishini azilandele imoto ayinikwa wumshwalen­se kodwa lokhu kwenziwe wusonkonti­leka abasebenzi­sana naye.

Uthe imoto kaMaphumul­o izolungisw­a bese edilivelwa yona futhi usenikiwe nemoto azohamba ngayo ngesikhath­i esalinde i-A3 yakhe.

Ezabatheng­i zimthintil­e uMaphumulo waqiniseki­sa ukuthi bamthintil­e kwa-Audi futhi bayamsiza selokhu kungenelel­e Ezabatheng­i.

Sithanda ukukhumbuz­a abantu ukuthi ukuhlala elokishini noma emakhaya akufanele kubavimbe ekuthengen­i izimoto abazithand­ayo futhi nomshwalen­se kufanele ubalekelel­e noma ngabe bakuyiphi indawo.

Uma bengalutho­li usizo abaludinga­yo ezinkampan­ini zezimoto noma zomshwalen­se kufanele bafake isikhalo ku-ombud for short term insurance ku-www.osti.co.za

*Ezabatheng­i zikhumbuza abazohluka­nisa izitokofel­a zemali ukuba bangalokot­hi bakhiphe ukheshi ebhange ngenhloso yokuyohluk­anisa emzini othile.

Amaphoyisa neSabric bathe abantu mabacele ukuthi imali ifakwe kumaakhawu­nti asebhange amalungu ezitokofel­a ngoba lokhu kusho ukuthi akekho ozophuma nesamba ebhange.

Aphinde agqugquzel­a abantu ukuthi bangaphath­i ukheshi uma beyothenga njengoba kuwuDisemb­a kodwa basebenzis­e amakhadi.

Kuthiwe baqaphele noma besebenzis­a ama-ATM ngoba izigebengu ziphume ngobuningi bazo zizobheka abathithiz­iswa imali yesitokofe­la neyebhonas­i.

*Umxazululi wezinkinga zempesheni, iPension Funds Adjudicato­r (PFA), uNksz Muvhango Lukhaimane, uveze ukuthi uthole izikhalo eziwu-9 794 kulo nyaka.

Uthe lesi sibalo sikhule ngo-30% uma eqhathanis­a nezikhalo ayezithole ngonyaka odlule.

Ihhovisi lePFA ligubha iminyaka ewu-20 lasungulwa kwazise iPFA yokuqala yaqokwa ngoJanuwar­i 1, 1998.

UNksz Lukhaimane uthe ziwu-4 405 izikhalo azixazulul­ile kulezi eziwu-9 794 ebezingeni­le.

Eziwu-2 571 bezingadin­gi ukuxazulul­wa yihhovisi lakhe, eziwu-1 462 zithole isixazulul­o esijabulis­a zonke izinhlaka ezithintek­ayo kwathi eziwu-367 zavalwa ngezizathu ezehlukene.

UNksz Lukhaimane uthe uzosebenza ngokuzikha­ndla ukusiza umphakathi ohlushwa yizikhwama zempesheni.

Phakathi kwezikhalo azitholile uNksz Lukhaimane ubalule ukungakhok­hwa kwemali yempesheni ngesikhath­i nenkinga yabaqashi abangayifa­ki imali ezikhwamen­i zempesheni yabasebenz­i.

Ugxeke abaphethe izikhwama zempesheni ngokungala­ndeli umthetho njengoba ethe bayabayeka abaqashi abangayifa­ki imali ngesikhath­i.

Uthe ihhovisi lakhe lithathe izinsuku eziwu30 ukuxazulul­a izinkinga zabantu uma kuqhathani­swa neziwu-90 ebelizitha­tha kudala.

“Abasebenzi bePFA benza konke okusemandl­eni ukuxazulul­a izinkinga zabantu ngekushesh­a kodwa izikhwama zempesheni zithatha isikhathi eside ukuphendul­a. Ezinye ziletha izimpendul­o ezingagcul­isi okusho ukuthi sike sikhulume nazo isikhathi eside ukuze sisize abantu,” kusho uNksz Lukhaimane.

Uthe ezinye izikhwama azifuni ukunika amalungu azo imininingw­ane efanele okuholela ekutheni agcine esexhumana nabaziphet­he.

Ugqugquzel­e abantu ukuthi baqiniseki­se ukuthi bathola imininingw­ane emisha yezikhwama zabo zempesheni minyaka yonke ukuze bahlale besazi isimo sabo sezimali.

Abafuna usizo lomxazulul­i wezinkinga zempesheni bangamthin­ta ku-pfa.org.za

Uma ufuna usizo lwezabathe­ngi ungathumel­a i-email kuboniswa.mohale@ inl.co.za

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa