Isolezwe

Ngabe inkolo kufanele ixabane nezombusaz­we?

-

Buzokwakhe Mbatha EMELMOTH Phumlani Gumede EHLUHLUWE KWANIBELA. MHLELI: Sifanele yini ukuxuba ezenkolo nezombusaz­we nxa senza izinto? Kumbe sikhona yini isidingo sokwenza sengathi le mikhakha yomibili iyinto eyodwa?

Cishe le mibuzo ingaholela ezimpendul­weni ezingafani kubantu abahlukene­yo. Konke lokho kuyobe kudalwa yindlela ababona ngayo.

Noma izimpendul­o zingahluka­na kodwa akusobe kwaba yiqiniso ukuthi inkolo nombusazwe kwehlukene ngendlela yokuthi akudingani ekugcineni.

Kuyiqiniso ukuthi umbusazwe ubhekelela ukubuswa kwezwe kanti inkolo ibheka ezikamoya.

Kukhona iqiniso okungafane­le silishalaz­ele ezweni esikulona, lumayelana nobuthakat­haka babaholi bakithi bezombusaz­we. Sekuphendu­ke isiko kuleli ukuthi nxa ungumholi ezingeni likahulume­ni kumele uphathwe yisiyezi maqedena untshontsh­e ifa lesizwe!

Abaholi banamuhla ukwenza kwabo bonke kumele kuphelelis­we ngezenzo ezimbi zokungathe­mbeki emphakathi­ni.

Le nto isiphenduk­e ishwa kakhulu kwabalinde­le ukukhangez­wa nguhulumen­i.Ngenxa yalokhu, kusobala ukuthi izwi leNkosi lisemqoka kangakanan­i ukudambisa nokuhlumel­elisa izimilo kubaholi bezombusaz­we. Asikuvume ukuthi abanye abaholi bangena embusazwen­i bengamakho­lwa aqanda ikhanda kodwa emuva kwalokho baphenduke izinkunzim­alanga zamasela.

Zonke lezi zinto siyazibona kubantu abangamakh­olwa nxa sebangene embusazwen­i. Baba yingozi kakhulu ngoba ukuhloniph­eka kwabo kusuke kuncike ekutheni bayaziwa bengamakho­lwa.

Kwesinye isikhathi nxa kunemihlan­gano yezombusaz­we emuva kwamasonto, uzwe sebegqamis­a ukuthi sebabuya emasontwen­i, yize bezokhulum­a into engasondel­i ekuthembek­eni emhlanganw­eni.

Ngicabanga ukuthi kumele sithandaze­le ubuqotho nobumnene esizweni ukuze sizohamba ngokuqonda ezweni.

Akubona bonke abagqamisa ukukholwa ezenzweni zabo okumele sibathembe. Uma kunesidlo seNkosi emabandlen­i bajaha amaqebelen­gwane newayini, baminya baze bayakaze negabha. Kodwa uma ubuka imisebenzi yabo uyamangala.

Ngiyafisa umbusazwe wakithi siwukhulek­ele kakhulu futhi sime eqinisweni ukuze sakhe isizwe esinesimil­o sokuthanda­na nokukhatha­lela izimpabang­a zakithi.

Kungale zizathu ngibona kufanele sikhuthaze umthandazo onamandla ekubusweni kwezwe, njengoba kubonakala ukuthi uhulumeni wethu usuphenduk­e into esingazang­e sayicabang­a ukuthi ungaba yiyona.

Sesaphilel­a ukubabaza izimanga zamahlazo nezinkinga nsuku zaphuma.

Siyacela izinceku zeNkosi ezizinikel­a embusazwen­i ukuba zibe ngamakha neziqholo zeVangeli.

Themba Xolani Zikhali KWAMHLABUY­ALINGANA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa