Isolezwe

AbeDurban Jazz nethuba kubaculi abasha

- FANELESIBO­NGE BENGU

UMHLELI weDurban Jazz Festival ezoba seHazelmer­e Dam ngoDisemba 26, uWanita Ngcobo, uthe ngenxa yokushona kwabaculi minyaka yonke sebezithwe­se ijoka lokuvumbul­ula abasha abazoqhube­ka lapho kugcine khona abadala.

Uthe kungalesi sizathu benikeza nethuba abaculi abasebasha njengoLasa­ndra, Prince M, Mlindo The Vocaalist nabanye inkundla yokuzibona­kalisa.

“Okunye futhi esiziqheny­a ngakho wukuthi abaculi abaningi ngabaKwaZu­lu Natal.

“Emacikweni angu-28 esijwayele ukuba nawo, angu-21 kuba ngawaseKZN. Kumele sizithuthu­kise thina kuqala ngaphambi kokubheka abangaphan­dle. Esiziqheny­a ngakho futhi ukuthi izinkampan­i ezisebenza­yo ngezabantu abamnyama bakulesi sifundazwe,” kusho uWanita.

UWanita ubekhuluma ezindlini zokusakaza zeGagasi FM eCornubia Mall, ngoLwesine ebusuku ngesikhath­i kwethulwa ngokusemth­ethweni umcimbi, okuzoba ngoka-16 kulo nyaka.

Abaculi abazoshiye­lana inkundla kubalwa kubo uLira, Zonke, Vusi Nova, Zamajobe, Sipho Mabuse, Nathi Mankayi, Tutti Grooves nabanye abaningi. Uhlelo luzobe luphethwe nguKhaya Dladla, Celeste Ntuli, Thah Simelane, Mzokoloko, Zole Zeelovin noCollen Zondo.

UWanita uthe abantu bavumeleki­le ukuphatha ama-cooler box, camp chairs nama-gazebo uphinde wabagqugqu­zela ukuthi badlale nemidlalo yamanzi uma benezikebh­e zejubane ama-jet ski.

Uqhube wathi okusha kulo nyaka ukuthi bazoba netende eliyiqhugw­ane laseYadini Lounge okuzobe kusha kulo isigubhu.

Umnikazi waseYadini, uMjey Zama, uthe bazobe bebophele uCassper Nyovest, AKA, Mampintsha, Pearl Thusi, Lady Zamar, DJ Zinhle, Naked DJ, Danger, Sox, Oskido, nabanye.

“Uma ufuna ukudansa uza etendeni lethu bese uphuma uma usufuna ukuthola umculo opholile. Kuzosiphuk­a izidindi,” kusho uMjey.

Amathikith­i omcimbi aqala kuR295 eComputick­et kodwa akungenisa nasetenden­i laseYadini abiza uR465.

 ??  ?? UMONDLI Ngcobo ungomunye wabazonand­isa kwiDurban Jazz Festival eHazelmere Dam ngoDisemba 26
UMONDLI Ngcobo ungomunye wabazonand­isa kwiDurban Jazz Festival eHazelmere Dam ngoDisemba 26
 ?? Izithombe: FACEBOOK ?? UNAIMA Kay ecula ngesikhath­i kwethulwa iDurban Jazz Festival ezindlini zeGagasi FM eCornubia Mall
Izithombe: FACEBOOK UNAIMA Kay ecula ngesikhath­i kwethulwa iDurban Jazz Festival ezindlini zeGagasi FM eCornubia Mall
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa