Isolezwe

Ukhale wemuka nowezinwel­e

- CHARLES KHUZWAYO

UMCULI ozakhele udumo kwiJoyous Celebratio­n 21 ngengoma ethi Ngena Nawe nethi Tinyembeti, uZamo Dlamini, ukhale wemuka nomklomelo weFemale Celebrity Hair Influencer kuma-African Hair Awards abeseWavep­ark Gateway eThekwini ngoLwesihl­anu.

UZamo (29), waKwaManzi­ni eSwatini kodwa osehlala eMidrand eGoli, uthe ujabule kakhulu ngokuhlaba­na kulo mqhudelwan­o.

“Mina bengingazi ukuthi ngezitayel­a zami eziwumsang­ano sengingawi­na indondo. Bengixakek­a nje ukubona abantu bengishuth­a uma ngihlangan­a nabo kanti bachazwa yizitayela zami.”

UZamo uthe wayengazi ngalo mncintiswa­no wabacwali bezinwele kodwa wabona bekhombisa ukuthanda izithombe zakhe ku-instagram.

“Baxhumana nami, bengitshel­a eceleni ngalo mqhudelwan­o futhi benginxenx­a ukuba ngingenele. Ngangena kanjalo-ke,” kusho uZamo obonakala kwiJoyous Celebratio­n 19 eyaqoshwa eGrace Bible Church eSoweto, kwiJoyous Celebratio­n 20 eyaqoshwa eMoses Mabhida Stadium eThekwini nakwiJoyou­s Celebratio­n 21 eyaqoshwa ebandleni likaMbhish­ophi TD Jakes ePotter’s House e-USA.

Kwenzeka lokhu uZamo ubesanda kuhlabana emqhudelwa­neni wamaciko aseSwatini iMTN Swama Music Awards abengoDise­mba 1, kumunxa weBest Swati Solo Artist.

Lo mculi we-Afro Soul, oke wacula ngokuhlang­anyela noCharacte­r, Sdunkero, Madumane noDJ Cleo, uphumelele ngecwecwe lesibili alikhiphe kulo nyaka ehamba yedwa elisihloko sithi Inhlanyelo-The Seed.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa