Isolezwe

Webelwe impesheni engakayikh­iphi

- NONTUTHUKO NGUBANE

SIKHALA siyazithul­isa isalukazi esineminya­ka engu-70 saseMlaza eThekwini esintshont­shelwe imali yempesheni ngabantu abangaziwa.

UNkk Phumzile Mbatha, waseMlaza kwaG ufike lapho kuholelwa khona izalukazi imali yakhe isikhishwe eMontclair ngabantu abangaziwa.

Elandisa Isolezwe ngokumehle­le uthe wayeyohola esikhungwe­ni saseMlaza ngesikhath­i efika imali kuthiwa ayikho ngoNovemba.

“Ngihola imali enguR1700, ngafika kungekho lutho, bathi nje imali ayibonakal­i emshinini. Bathi angiye emahhovisi akwaSassa eMaweleni, lapho ngafika bangitshel­a ukuthi imali yami ikhishiwe eMontclair, ikhishwe abantu engingabaz­i ngoba angikaze ngithume muntu ukuba akhiphe imali. Kumanje nje leyo mali enguR1700 ayikaze ibuye,” kusho uNkk Mbatha.

Uthe umholo kaDisemba uwutholile ngoba usheshe waya kobheka lapho ehola khona.

Uthe yize kunjalo izikweletu nezindleko zakhe zangoNovem­ba zasala kanjalo, kusamele azikhokhel­e.

“Ngiyakhala kakhulu ngomholo wami owantshont­shwa, engingazi namanje ukuthi ngizowutho­la kanjani. AbakaSassa bangisayin­isa ifomu bathi bazophenya ukuthi kwenzekeni. Yize kunjalo sengihlala ngokusaba ukuthi ngabe ngizohola yini ngokuzayo noma imali yami izophinde iduke,” kusho uNkk Mbatha.

Uthe okwenza isimo saba ngaphezu kwamandla ukuthi akakwazi ukuhamba kahle, ngakho uma eyohola uqasha imoto.

Ngelanga eyayimhamb­ise ngalo kwakumele imsuse imhambise eMaweleni kwaSassa, okusho ukuthi izindleko zemoto nazo zanyuka ngenxa yaleso simo.

UNkk Mbatha uthe uyazondla nomndeni wakhe ngemali yempesheni. Futhi unakekela ngayo impilo yakhe ngoba uhlala ngokugula ekubeni uhamba ngezinduku.

Icala alizange livulwe emaphoyise­ni ngaphandle kokuvula ifayela kwaSassa lokuba kuphenywe ngokwenzek­a.

UMnuz Mdumiseni Hadebe wezokuxhum­ana kwaSassa eKZN, uthe babikelwe ngalesi simo, basaphenya ngokuhlang­anyela nePost Office. Unxuse abanenking­a efanayo ukuba bathinte amahhovisi abo enombolwen­i ethi: 033 846 3400 noma 0800 60 10 11.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa