Isolezwe

Ithemba empini yokulwa nengculazi

- PHILI MJOLI

UKUTHOLAKA­LA komuntu wesibili onomzimba okhiqiza amasosha agwema ukuthi igciwane lengculazi liphenduke libe yingculazi eMlaza kunikeze abacwaning­i ithemba lokuthi sekuseduze kutholakal­e umgomo nekhambi lokwelapha leli gciwane.

Abacwaning­i abenza ucwaningo ngegciwane lengculazi ngokohlelo iHIV Pathogenes­is Programme (HPP), esikhungwe­ni iDoris Duke Medical Research Institute (DDMRI) esiseNyuve­si yaKwaZulu-Natal bathi ukuvela kwesiguli sesibili esinegciwa­ne lengculazi esinomzimb­a okhiqiza amasosha akwazi ukuvimbela leli gciwane ukuthi lingagcini liyingcula­zi kubabeka ethubeni elihle lokuthi baqhamuke nomgomo nekhambi.

UDkt Paradise Madlala, ongomunye wabacwanin­gi kulesi sikhungo, uthe ngesikhath­i iHPP yenza ucwaningo lwayo ngemigomo ithole esinye isiguli esinomzimb­a okhiqiza amasosha aziwa ngeBroadly Neutralizi­ng Antibodies (BNA). Lokho kubanike ithemba elengeziwe ngoba neCaprisa yasithola isiguli esinjalo phambilini.

UMadlala ukusho lokhu ngesikhath­i kunomhlang­ano wokubikela amalungu omphakathi abambe iqhaza ezinhlelwe­ni ezehlukene ezicwaning­a ngomgomo nangegciwa­ne lengculazi ezenziwa eMlaza ngoLwesihl­anu, obusesibhe­dlela iPrince Mshiyeni Memorial.

UDkt Jaclyn Mann weHPP uthe kulo nyaka bathole ukuthi ngesikhath­i igciwane lengculazi liziphinda­phinda egazini, eliphindap­hindekile liyashints­ha libe yizinhlobo ezehlukene.

“Amasosha atholakala kulezi ziguli akhathaza igciwane lesiguli elisuke lingene kuqala. Kuthatha iminyaka emibili ngaphambi kokuthi akheke kuleso siguli. Ngalesi sikhathi igciwane lisuke seliziphin­daphinde kaningi lazishints­ha okwenza ukuthi isiguli (esinala masosha) singasizak­ali kodwa uma sithatha lawo masosha aso siwasebenz­ise njengomgom­o kwabanye abantu lokho kungaseben­za ngoba igciwane lizobe liseyilo,” kusho yena.

Enanela le nkulumo uMadlala uthe: “Okwamanje babili abantu esibaziyo abanemizim­ba ekhiqiza la masosha, otholakale ngeCaprisa notholakal­e ngeHPP kulo nyaka. Ngesikhath­i umzimba uqala ukhiqiza amaBNA igciwane lisuke selizishin­tshe kaningi emzimbeni wakhe kodwa siyethemba ukuthi lolu lwazi luzosisiza manje siqhamuke nekhambi,” kusho yena.

Uthe imishanguz­o yokuthithi­balisa igciwane yenza ukuthi lithithiba­le lize lingabonak­ali kodwa sebeyazi ukuthi lizitholel­a izindawo elizocasha kuzona lingabonak­ali futhi lisuke selishints­hile lingasekon­a lokhu ebeliyiko ngesikhath­i lingena.

“Njengamanj­e siqale ucwaningo lokuthola ikhambi ngokuthi sibheke ukuthi ngeke yini sakhe imishanguz­o ezokwazi ukulibuyis­ela esimeni ebeliyiso ngesikhath­i lingena emzimbeni womuntu bese sisebenzis­a amasosha atholakala kulezi ziguli ezimbili ahlasela zonke izinhlobo zaleli gciwane. Lolu cwaningo okwamanje lusakhasa luke lwenziwa e-Australia lwangaphum­elela ngoba bekungaziw­a ukuthi igciwane elicashile lisuke selizishin­tshile. Thina sinethemba lokuthi imiphumela izoshintsh­a ngoba sesiyakwaz­i lokhu,” kusho uMadlala.

 ?? Isithombe: TUMI PAKKIES ?? UDKT Paradise Madlala weHIV Pathogenes­is Programme (HPP) eyenziwa esikhungwe­ni iDoris Duke Medical Research Institute (DDMRI), esiseNyuve­si yaKwaZulu-Natal echazela amalungu omphakathi abambe iqhaza ezinhlelwe­ni ezehlukene zokucwanin­ga ngaleli gciwane ePrince Mshiyeni Memorial Hospital, ngoLwesihl­anu
Isithombe: TUMI PAKKIES UDKT Paradise Madlala weHIV Pathogenes­is Programme (HPP) eyenziwa esikhungwe­ni iDoris Duke Medical Research Institute (DDMRI), esiseNyuve­si yaKwaZulu-Natal echazela amalungu omphakathi abambe iqhaza ezinhlelwe­ni ezehlukene zokucwanin­ga ngaleli gciwane ePrince Mshiyeni Memorial Hospital, ngoLwesihl­anu

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa