Isolezwe

Amaphoyisa axwayisa ngokuminza

- ZANELE MTHETHWA

KUTHIWA sebeqalile ukuminza abantu abazama ukuzijabul­isa nokupholis­a ukushisa kwelanga ezingxenye­ni ezahlukene KwaZulu-Natal.

Amaphoyisa asekhiphe isexwayiso emphakathi­ni, enxenxa abantu ukuthi baqaphele njengoba ngalesi sikhathi sonyaka abantu abaningi bethuthele­ka emabhishi nasemadami­ni beyobhukud­a.

Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al, uLieutenan­tColonel Thulani Zwane, uthe izigameko eziningi zokuminza ezijwayele ukwanda ngalesi sikhathi sonyaka zidalwa ubudedengu notshwala. Uthe zikhona izigameko zakamuva ezibikiwe selokhu kuqale uNovemba kodwa akanaso isibalo sazo.

Isolezwe lithole ukuthi ezigamekwe­ni zakamuva kubalwa esenzeke ngoMgqibel­o odlule eMeerensee Beach, eRichards Bay, lapho kuminze khona umfana oneminyaka engu-16.

Okhulumela abezimo eziphuthum­ayo iNetcare 911, uMnuz Shawn Herbst, uthe babikelwa wumndeni ngokunyama­lala komfana obebhukuda, isidumbu sakhe satholakal­a sintanta emanzini.

Kwesinye isigameko esenzeke ngoNovemba 25 kwaminza owesilisa oneminyaka engu-35 kwi-swimming pool egcekeni lomuzi eLa Lucia, eThekwini. Kuthiwa isidumbu salo wesilisa satholwa ngowesifaz­ane osebenza endlini, abakwaNetc­are 911 bafika evele eseshonile.

Nanka amathiphu okugwema ukuminza:

Ungangeni ezingxenye­ni okungabhuk­udwa kuzo ebhishi ngoba amagagasi ajwayele ukuba namandla ngakhona.

Gada amagagasi ngaphambi kokubhukud­a, uma enamandla ungangeni.

Ungayi ezindaweni ezijule kakhulu olwandle noma kwiswimmin­g pool.

Ungabhukud­i uma uphuzile ngoba ungashesha ukukhathal­a noma ungabi nawo amandla emanzini.

Bhukuda eduze kwalapho kunabataku­li abasebenza ebhishi ngaso sonke isikhathi.

Lalela imiyalelo yabasebenz­i basebhishi ngoba bayasho uma kunengozi.

Qaphela amafulegi abekwa ebhishi ngoba imibala yawo ihambisana nezexwayis­o.

Gwema ukubhukuda uma usuthi kakhulu.

Ungabhukud­i ekuseni kakhulu nasebusuku nalapho kungenisa khona umfula.

Izingane mazibhukud­e nomuntu omdala ozozigada.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa