AbeDurban Jazz nethuba kubaculi abasha
UMHLELI weDurban Jazz Festival ezoba seHazelmere Dam ngoDisemba 26, uWanita Ngcobo, uthe ngenxa yokushona kwabaculi minyaka yonke sebezithwese ijoka lokuvumbulula abasha abazoqhubeka lapho kugcine khona abadala.
Uthe kungalesi sizathu benikeza nethuba abaculi abasebasha njengoLasandra, Prince M, Mlindo The Vocaalist nabanye inkundla yokuzibonakalisa.
“Okunye futhi esiziqhenya ngakho wukuthi abaculi abaningi ngabaKwaZulu Natal.
“Emacikweni angu-28 esijwayele ukuba nawo, angu-21 kuba ngawaseKZN. Kumele sizithuthukise thina kuqala ngaphambi kokubheka abangaphandle. Esiziqhenya ngakho futhi ukuthi izinkampani ezisebenzayo ngezabantu abamnyama bakulesi sifundazwe,” kusho uWanita.
UWanita ubekhuluma ezindlini zokusakaza zeGagasi FM eCornubia Mall, ngoLwesine ebusuku ngesikhathi kwethulwa ngokusemthethweni umcimbi, okuzoba ngoka-16 kulo nyaka.
Abaculi abazoshiyelana inkundla kubalwa kubo uLira, Zonke, Vusi Nova, Zamajobe, Sipho Mabuse, Nathi Mankayi, Tutti Grooves nabanye abaningi. Uhlelo luzobe luphethwe nguKhaya Dladla, Celeste Ntuli, Thah Simelane, Mzokoloko, Zole Zeelovin noCollen Zondo.
UWanita uthe abantu bavumelekile ukuphatha ama-cooler box, camp chairs nama-gazebo uphinde wabagqugquzela ukuthi badlale nemidlalo yamanzi uma benezikebhe zejubane ama-jet ski.
Uqhube wathi okusha kulo nyaka ukuthi bazoba netende eliyiqhugwane laseYadini Lounge okuzobe kusha kulo isigubhu.
Umnikazi waseYadini, uMjey Zama, uthe bazobe bebophele uCassper Nyovest, AKA, Mampintsha, Pearl Thusi, Lady Zamar, DJ Zinhle, Naked DJ, Danger, Sox, Oskido, nabanye.
“Uma ufuna ukudansa uza etendeni lethu bese uphuma uma usufuna ukuthola umculo opholile. Kuzosiphuka izidindi,” kusho uMjey.
Amathikithi omcimbi aqala kuR295 eComputicket kodwa akungenisa nasetendeni laseYadini abiza uR465.