Isolezwe

‘Singanqoba uma sizolandel­a izinhlelo eziqinile zamalungis­elelo’

- LUNGILE MAJOKA

NAKUBA libukeka linzima iqoqo okuqhathwe kulo iBanyana Banyana kwiNdebe yoMhlaba emcimbini obuseFranc­e ngempelaso­nto kodwa umqeqeshi uDesiree Ellis uthi banganqoba inqobo nje uma bezolandel­a izinhlelo eziqinile zamalunges­elelo.

IBanyana ifakwe eqoqweni elilodwa kuGroup B neSpain, China neGermany. Izovula le midlalo, engonyaka ozayo eFrance, neSpain ngoJuni 8.

Kungokokuq­ala iqembu lamantomba­zane liya kwiNdebe yoMhlaba ngemuva kokuhlulek­a izikhawu ezimbalwa kweyokuhlu­nga. Kulokhu lingene ngokuthi lizibekise­le indawo kowamanqam­u we-African Women’s Cup of Nations eGhana ngeledlule.

Ekhuluma kwiSafa. net ngemuva kokuqhathw­a kwamaqembu, u-Ellis uthe akukho okudlula amalungise­lelo asezingeni nanokuhlal­a emaqhingen­i abo uma sekudlalwa. Uthe yize bebasha kweyoMhlab­a kodwa bazosebenz­isa amava abawathole ngokudlala kumaOlympi­c asebekwenz­e izikhathi ezimbili, ngo-2012 nango-2016.

Ebuzwa ukuthi bazodlula yini esigabeni samaqoqo, uthe: “Ayikho into engeke yenzeke empilweni uma uzozimisel­a futhi uhlele kahle. Eqenjini siyakholel­wa kuNkulunku­lu, ngeke asilahle. Siyakholwa wukuthi uma sinohlelo namasu aqinile futhi esizokulan­dela kungenzeka noma yini. Njengoba ngike ngasho ukuthi asizile kwiNdebe yoMhlaba ukuzoncint­isana kuphela kodwa sifuna ukushiya igama abantu basikhumbu­le.”

Iqembu esebeke badlala nalo eqoqweni yiChina eyabahlula ngo 2-0 kuma-Olympic eBrazil ngo-2016.

“Alikho iqoqo elilula, ngokwami belingeke libe khona vele kula mazwe awu-24 alapha. Sadlala kahle neChina kodwa bagcina besehlulil­e. Laba abanye kasibazi kodwa sizoluthol­a ulwazi ngabo. Kumele senze isiqinisek­o sokuthi (kufika imidlalo) sisesimeni esiqatha ngokwemizi­mba,” kusho u-Ellis.

Amalungise­lelo eBanyana abheke eFrance azoqala ngowobunga­ni neSweden ngoJanuwar­i 22 eCape Town.

 ??  ?? DESIREE ELLIS
DESIREE ELLIS

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa