Udliwe yimpama esolwa ngomuthi
USHAYWE ngolabhabha, ohambisana nenqwaba yezitembu emhlane ‘umfana omncane’ weJomo Cosmos, obesolwa ngokufafaza amakhathakhatha enkundleni ngaphambi komdlalo weNational First Division (NFD) phakathi kweRoyal Eagles neZenkosi ngoMgqibelo, eChatsworth Stadium.
Lo mdlalo uphele ngo 2-0 kunqoba i-Eagles.
Ngaphambi komdlalo, kuthe abadlali besazelula, kwaqhamuka le nsizwa ebibukeka incane uma uyibukela kude, igqoke ikepisi elibomvu kwaba khona ekufafazela enkundleni obekubukeka kusamuthi.
Kusuke abanye abasebenzi be-Eagles, baqonda kuyena ngqo, omunye wayifumba ngenkulu impama eyibuza ukuthi yini le eyifaka enkundleni. Abadlali beCosmos bashiye ukuzilolonga nabo banikela epalini lapho le nsizwa ebifafaza khona, beyobuza ukuthi ishayelwani ‘ingane’.
Leli phephandaba likhulume nesikhulu esibhekele ezokuphepha kwi-Eagles (esingathandanga ukudalulwa igama), ukuzwa ukuthi lo mfana ngabe ungene kanjani enkundleni ngoba okuqaphelekile wukuthi ubengayigaxile imvume yokuba senkundleni.
“Ngokuthola kwethu, lo mlisa ungene ngesikhathi esifanayo neqembu iCosmos. Kuthiwa bathe uma bebuza ukuthi uyaphi enkundleni, kwathiwa uyingxenye yeqembu wadedelwa kanjalo-ke.
Uma nje ngingakutshela iqiniso akuyona ingane leya. Umuntu owomelele, ubukeka emdala uma ususeduze,” kusho lesi sikhulu esiqale sangabaza ukukhipha imininingwane.
Okufike kwamangaza ukuthi lo mlisa akazange nakancane aphume enkundleni umdlalo waze wayophela.
Kuke kwaba khona izikhathi lapho izikhulu ze-Eagles bezizama ukumsusa enkundleni kodwa lo mlisa nekepisi lakhe elibomvu, uzizibile.
Ngemuva komdlalo Isolezwe lixoxe no-Ephraim “Jomo” Sono ukuzwa ukuthi kwenzakeni kuze kushaywa umlisa obehambisana neqembu lakhe.
“Bashaye umfana eyofasa unozinti wethu amakhokho. Ubengenze lutho. Ngizwe nami sekubuza abadlali bami ukuthi ishayelwani ingane,” usho kanje uMjomane.
USazi Ngubane opheka i-Eagles naye uthe uzwe ngamahemuhemu nje ukuthi kukhona okwenzekile.
“Ngisibonile sona lesi sididini somfana omncane. Kwasho ukuthi kukhona ekade ngixoxa naye eceleni nganganaka, ngibone sekushaywana.
Ngathi uma ngibuza ngezwa kuthiwa kade efaka umuthi. Izintoke lezi ezenzekayo ebholeni,” usho kanje uNgubane. Imiphumela yeNFD: TS Sporting 1-2 Tshakhuma Tsha Madzivhandila; Maccabi FC
0-1 Richards Bay ; Royal Eagles 2-0 Jomo Cosmos; Real Kings 1-3 Mbombela United; Witbank Spurs 0-1 Ubuntu Cape Town; Cape Umoya United 0-0 Uthongathi FC