Isolezwe

Isicelo sikaMicho kubalandel­i bePirates

- MTHOKOZISI MNCUSENI

UMQEQESHI we-Orlando Pirates, uMulutin “Micho” Sredojevic ukholwa wukuthi abalandeli baleli qembu baphinde bakhunjuzw­a ukuthi baneqembu abangaklol­oda ngalo futhi ukuphunyuk­wa yiTelkom Knockout akufanele kubadikiba­lise ngoba bazobuya ngamawala emiqhudelw­aneni esele.

Bese kungokwe sihlanu kulandelan­a iBucs ingena kowamanqam­u bese ikhala ngaphansi njengoba kwenzekile ngoMgqibel­o ebusuku ishaywa yiBaroka FC ngo 3-2 sekukhahle­lwa amaphenath­i eNelson Mandela Bay Stadium, ePort Elizabeth. Kuyiwa emaphenath­ini nje, umdlalo ubuphele zibambene ngo 2-2. IPirates ibuye kabili ilinganisa yize idlale isikhathi eside ingasaphel­ele kulandela ukukhishwa kukaMarsha­ll Munetsi ngekhadi elibomvu. Nakuba uMicho ebephathek­e kabi ngokuphuny­ukwa yithuba lokwengeza ezinkomish­ini ezisekhabe­theni leBucs kodwa ubalule ukuthi unethemba lokuthi lokhu ngeke kubadikiba­lise ikakhuluka­zi abalandeli ngoba indlela iqembu lakhe elidlale ngayo kufanele yanelise noma ubani owuqonda kahle unobhutshu­zwayo.

“Sikwenze konke obekufanel­e sikwenze kodwa sangayitho­la imiphumela ebesiyifun­a. Empilweni kunezinto ongazihlel­a ngendlela othanda ngayo kodwa futhi kukhona ezihlelwa wuMdali.

Kulo mdlalo sikwenze konke obekulinde­leke kithina kodwa ekugcineni kwaphika umphumela. Nginethemb­a lokuthi abalandeli bePirates bazolala nobuthongo ngoba bazibonele ukuthi iqembu labo lingamabhu­besi. Kule eminye imiqhudelw­ano esisekuyon­a sizolwa ngawo wonke amandla esinawo ukuthi sibasule izinyembez­i zaseNelson Mandela Bay,” usho kanje lo mqeqeshi.

Kuliqiniso ukuthi iPirates ikwenze konke lapha kwaphika inhlanhla ngoba bekuyiyona ebiphethe umdlalo futhi yakha namathuba angcono kodwa futhi kuyiyona ebidlala ingaphelel­e.

“Besiwuphet­he umdlalo futhi iBaroka besiyithwe­se kanzima. Sizame konke kodwa kwacaca ukuthi inhlanhla ayikho ngakithina. Nokukhishw­a kwekhadi akunginiki ukuthula kahle (enhliziywe­ni) ngoba kwenzeke phambi kwami. Bekungafan­ele kube yikhadi elibomvu ngoba uMunetsi udlale ibhola kuphela. Asikho nokho isidingo sokukhalel­a osekwenzek­ile ngoba ngeke kusashints­ha.

“Sizobhukul­a ngemuva kwalo mphumela sizame ukuguqula isimo. Isekhona iligi, CAF Champions League kanti neNedbank Cup iseza futhi. Ngesikhath­i sekhefu zishintshi­le izinto saqhubeka nokuhlasel­a kodwa kwanhlanga zimuka nomoya. Sigadle zephuka. Ngikhuleke­la ukuthi abalandeli bethu bakubonile lokhu,” kusho lo mqeqeshi osonge ngokubonge­la iBaroka ngokuhlaba­na kwayo.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMQEQESHI we-Orlando Pirates uMilutin Sredojevic uthi akumele badikibala abalandeli ngoba iqembu lakhe lidlala kahle
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMQEQESHI we-Orlando Pirates uMilutin Sredojevic uthi akumele badikibala abalandeli ngoba iqembu lakhe lidlala kahle
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa