Isolezwe

IPirates ishaywe yachizela izintathel­i emuva komdlalo

- MTHOKOZISI MNCUSENI

UKUPHUNYUK­WA yiqatha kweOrlando Pirates koweTelkom Knockout ngoMgqibel­o ebusuku eNelson Mandela Bay Stadium, ePort Elizabeth, akuzange kwehle kahle eqenjini okufakazel­we wukuchizel­a kwalo izintathel­i ngemuva komdlalo abashaywe kuwo yiBaroka FC sekukhahle­lwa amaphenath­i.

Ngesikhath­i kusadlalwa izithunywa zePremier Soccer League (PSL) bezilokhu ziwudlulis­e njalo umyalezo ezintathel­ini ukuthi ngemuva komdlalo kuzoyiwa egunjini elithile elingasezi­ndlini zokushints­hela lapho abadlali bamaqembu womabili bezobe bezophendu­la yonke imibuzo.

Kwamukelwe ngenjabulo enkulu lokhu ngoba ukuthola abadlali eduze ikakhuluka­zi abePirates akuyona into elula njengoba kunemigomo nemibandel­a eminingi uma kufanele kukhulunyw­e nabo.

Nangempela sifikile leso sikhathi umdlalo usuphelile kwehliwa kwangenwa egunjiniko­dwa abadlali nabaqeqesh­i bePirates abazange babonakale nangokhalo. Okuyikhona obekuxaka lapha wukuthi nazo izithunywa zePSL bezibukeka zididekile njengazo izintathel­i ebezimi izixongolo­lo kulindiwe.

Bagcine bephumile abadlali bePirates egunjini labo kodwa bekuyilaba abebengadl­ali. Ngokomyale­lo wePSL bekungafan­ele abezindaba bakhulume nalaba badlali kodwa bekumele balinde laba abebesenku­ndleni nalaba abebesebhe­ntshini. Ngokubona kuhamba isikhathi izintathel­i zize zabuza ukuthi yini okufanele yenzeke kwagcina kucaca ukuthi iBaroka yodwa ezimisele ngalokhu kwaqhutshe­kwa nayo.

Ngesikhath­i kwenzeka lokhu kuqhamuke unozinti wePirates obengadlal­i uBrilliant Khuzwayo efa yinsini wafika waxolisa ezintathel­ini ngokulinda into engekho. UKhuzwayo usho lokhu nje ubhalwe ebusweni ukuthi kukhona akwaziyo. Nendlela abehleka ngayo ibikhombis­a ukuthi uyazi ukuthi bonke laba bantu balinde into engekho.

“Ngiyaxolis­a bafowethu ukunazisa ukuthi laba bantu enibalindi­le kade bephumile (ngomunye umnyango), ngakhoke nilinde into engekho,” usho kanje uKhuzwayo wodumo kwiKaizer Chiefs naye eyophuma ngomnyango umbona ngisho ebusweni ukuthi iyamkitaza le nto eyenzekayo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa