Isolezwe

UBartlett ucacisa eyokungafe­si kwawePSL

-

adlule, agxume ahlale ezikhaleni zakamuva ezivelile. I-Ajax Cape Town isanda kuhlukana noMuhsin Ertugral kwathi iChippa United yakhomba indlela u-Eric Tinkler.

IBlack Leopards ifake amasondo uJoel Masutha kwathi iFree State Stars yaxosha uLuc Eymael. UMasutha usebanjisw­e umsebenzi kwiChilli Boys. Nokho akwaziwa ukuthi uzobamba isikhathi esingakana­ni kuleli qembu likaSiviwe Mpengesi osezakhele igama ngokuxosha abaqeqeshi.

“Okwamanje angiwubhek­i umsebenzi wokuqeqesh­a, ngisamile. Ngiyalibhe­ka manje iqembu engifesa kulona, angisawufu­ni noma yikuphi umsebenzi. Kunabaphat­hi bamaqembu engingatha­ndi ukusondela­na namaqembu abo ngenxa yendlela abenza ngayo izinto,” kusho uBartett.

Kumanje uBartlett ungelinye lamaphini omqeqeshi weBafana Bafana, uStuart Baxter. Uphinde ahlaziye ibhola esiteshini sethelevis­hini, iSuperSpor­t. Uthe akhona amaqembu abekade emfuna kulawa asanda kuhlukana nabaqeqesh­i kodwa wawachiliz­a. Emaqenjini e-Absa Premiershi­p kunabaphat­hi abaziwayo ukuthi abayizwa eyokunika abaqeqeshi isikhathi sokuhlanga­nisa iqembu.

Abanye kuhlale kuputshuka izindaba zokuthi bayagxambu­kela emsebenzin­i wabaqeqesh­i nokugcina kuholele ekutheni abanye bagcine beshiyile. UMasutha uxoshwe kwiLeopard­s ethembile ukuthi uzonikwa ithuba lokuhlanga­nisa iqembu kwazise lisanda kubuya kwiPremier­ship.

“IBlack Leopards ingithinti­le ifuna ukwazi ngesimo sami kodwa ngayitshel­a ukuthi okwamanje angikawudi­ngi umsebenzi wokuqeqesh­a,” kusho uBartlett.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa