‘IBafana idinga umgadli ezothembela kuye’
OWAYENGUMGADLI weBafana Bafana, uMark Williams, ukholwa wukuthi iqembu liyamdinga umgadli ozoba yithemba lalo njengoba kade kwenzeka eminyakeni edlule.
UWilliams wazakhela udumo eNingizimu Afrika eshaya amagoli amabili ngesikhathi iBafana iwina i-Africa Cup of Nations (Afcon) kade idlalelwa la ngo-1996. Kuleso sikwati ubebanga ijezi nabagadli uPhilemon Masinga, Shaun Bartlett nabanye.
Esikwatini samanje, kubukeka kuvuleke isikhala ngemuva kokushiya kwabagadli okukhona kubo uSiyabonga Nomvethe, Benni McCarthy, Sibusiso Zuma nabanye. Ngesikhathi iBafana iqeqeshwa nguEphraim “Shakes” Mashaba kade ipatanisa ngoThamsanqa Gabuza noBongani Ndulula okungabagadli abangakaze bashaye inqwaba yamagoli kwi-Absa Premiership. Baningi abagadli asebezanywe ngabaqeqeshi abehlukene eqenjini lesizwe kodwa akuhlangani.
Kulaba bagadli kukhona uDavide Soma obengaziwa eNingizimu Afrika. Kumanje iBafana, eqeqeshwa nguStuart Baxter, ithembele kuPercy Tau ongumdlali wasezinhlangothini nosanda kuvumbululwa nguLebohang Mothiba odlala eFrance.
UWilliams ukholwa wukuthi iNingizimu Afrika iyamdinga umgadli ozothwala amathemba esizwe njengoba kwenzeka nakwamanye amazwe.
“Kubalulekile ukuba nomgadli oshaya amagoli cishe wonke amasonto eqenjini lakhe ngoba uyazi ukuthi uyena othembele kuye. Abanye obabizayo bafake ingcindezi kuyena ngoba bayamazi ukuthi umandla kuphi. Okwamanje kukhona uTau, akayena umgadli kodwa uyasiza kakhulu. Uma singamsebenzisa ngobuhlakani, ngokwami nguyena umdlali ongasishayela amagoli, uyazethemba uma ephethe ibhola, uyakwazi ukudlula kubadlali futhi uhlakaniphile. Ngicabanga ukuthi umqeqeshi kufanele amjwayeze ukuthi angaweqi umugqa ohlukanisa inkundla ukuze asebenzise ijubane lakhe. Kodwa okwamanje kasinaye umgadli esaziyo ukuthi uzosishayela igoli kwiBafana,” kusho uWilliams.
Ukufika kukaMothiba kwiBafana kwenze abanye bakholwa wukuthi uzowuthwala
umsebenzi wokushaya amagoli ngenxa yobunzima beligi adlala kuyo. Uyena oshayele iBafana igoli ngesikhathi idlala ngokulingana ngo 1-1 neNigeria emdlalweni wokuhlungela i-Afcon e-FNB Stadium emasontweni edlule.
“ULebo unalo ikhono kodwa ukudlala phesheya nokudlala eMzansi akufani. Ngicabanga ukuthi uyena okufanele atshele umqondo wakhe ukuthi uzokwenza okufunwa wumqeqeshi, akhiphe wonke amandla anawo. Angaba wumgadli omqoka weBafana ngoba unomziba futhi uhlakaniphile. Kodwa ekugcineni kufanele azigcine esesikwatini,” kusho uWilliams.
IBafana izobhekana neLibya emdlalweni wokugcina wokuhlungela i-Afcon ngoMashi wonyaka ozayo.