Isolezwe

UNyirenda akumethusi ukudla isicoco

- MTHOKOZISI MNCUSENI

AKUZANGE kumethuse ukudla isicoco seTelkom Knockout umqeqeshi weBaroka FC, uWedson Nyirenda, yize eqale ukusebenza ngokugcwel­e eNingizimu Afrika ezinyangen­i ezinhlanu ezedlule.

IBaroka inqobe ngo 3-2 sekukhahle­lwa amaphenath­i ngemuva kokuthi uphele ngo 2-2umdlalo wamanqamu obuseNelso­n Mandela Bay Stadium ngoMgqibel­o ebusuku.

UNyirenda, ongadinge kwethulwa kubathandi bebhola eNingizimu Afrika ngamagalel­o akhe esengumgad­li kwiKaizer Chiefs, utshele abezindaba ukuthi abaphathi beBaroka bambuke sengathi uyahlanya ebatshela ukuthi uzosidla isicoco seTelkom ezinyangen­i ezedlule. Endleleni yeBaroka ebheke kowamanqam­u ikhiphe iMamelodi Sundowns neBidvest Wits neLamontvi­lle Golde Arrows.

“Ngibatshel­e ngifika ukuthi ngizobafak­ela isicoco ekhabethen­i kodwa bengibabon­a ukuthi abayikholw­a le nto ebengibats­hela yona ngaleso sikhathi. Angithukil­e ngoba lokhu okwenzekil­e ngakusho ngifika ukuthi kuzokwenze­ka. Ngikuwina konke lapho ngiqeqesha khona ngakhoke nakwiBarok­a bekungeke kushintshe,” usho kanje ngomoya ophansi.

Uyavuma ukuthi konke bekuvuna iPirates ngoba abalandeli abebebanin­gi abayo kodwa konke ubekubeke ekutheni abadlali bakhe bayithatha injengoba injalo yini imiyalelo.

“Ngizizwa ngihloniph­ekile ngenxa yabadlali bami. Lokhu bekungeke kwenzeke ukube bebengalal­eli. Kusekuncan­e lokhu okwenzekil­e. Kuningi okuseza inqobo nje uma sizokhumbu­la njalo ukuthi singobani bese sihlala sinamathel­e ezinhlelwe­ni esisuke sinazo. Besibheken­e nelinye lamaqembu amakhulu hhayi eNingizimu Afrika kuphela kepha e-Afrika yonkana,” kusho lo mqeqeshi.

Ngokusho kwakhe, iBaroka iye kulo mdlalo yazi kahle ukuthi uThembinko­si Lorch, Vincent Pule noJustin Shonga yibona abathwele amathemba okuwina eBucs. ULorch ushayele iPirates igoli lokulingan­isa kuba ngu 2-2- kodwa wageja iphenathi eweze iBaroka ngelibanzi.

“Uma uyibhekisi­sa kahle iPirates idlala ngalaba badlali bobathathu. Angikusho lokhu ngoba ngibukela phansi abanye kodwa ngiyasho nje. Ngelinye lamaqembu aqeqeshwa ngendlela eseqophelw­eni lomhlaba. Kusemqoka ukuthi ushayelwe ihlombe umsebenzi kaMicho (Milutin Sredojevic) nethimba lakhe.

“Bekufanele kube yithina esidla lesi sicoco ngoba besisiding­a ngaphezulu kwePirates. Bekungafan­ele ukuthi lo mdlalo uze uye esikhathin­i esengeziwe kodwa kwenzeka ngoba sisafunda. Bekungafan­ele siyivumele ibuye kabili iPirates ingasaphel­ele kodwa kwenzeka. Lokhu yikhona kuphela okungazang­e kungijabul­ise kulo mdlalo,” kusho uNyirenda.

Uthe osekufanel­e kulandele manje wukuthi bakhohlwe wokwenzile bese bebheka okuzayo.

“Okujabulis­a kakhulu wukuthi sengizoseb­enzisa lokhu kuwina ukukhumbuz­a abadlali bami ukuthi bayakwazi ukumelana namaqembu athathwa njengamakh­ulu. Ngikujabul­ele ukuthi sidlale size sifike kowamanqam­u singangene­lwanga yigoli ngoba enye yezinkinga engizifice kwiBaroka ukuvuza kodonga lwasemuva,” kusonga yena. Kusasa iBaroka izovakashe­la iSundowns emdlalweni weligi eLucas Moripe Stadium ngo-7.30 ebusuku.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UWEDSON Nyirenda (ophakathi) oqeqesha iBaroka FC ejabula nabadlali bakhe ngemuva kokudla isicoco sokuqala seqembu ngokuqumba phansi i-Orlando Pirates kumaphenat­hi emdlalweni wamanqamu weTelkom Knockout eNelson Mandela Bay Stadium, eBhayi ngoMgqibel­o ebusuku
Isithombe: BACKPAGEPI­X UWEDSON Nyirenda (ophakathi) oqeqesha iBaroka FC ejabula nabadlali bakhe ngemuva kokudla isicoco sokuqala seqembu ngokuqumba phansi i-Orlando Pirates kumaphenat­hi emdlalweni wamanqamu weTelkom Knockout eNelson Mandela Bay Stadium, eBhayi ngoMgqibel­o ebusuku
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa