‘Singanqoba uma sizolandela izinhlelo eziqinile zamalungiselelo’
NAKUBA libukeka linzima iqoqo okuqhathwe kulo iBanyana Banyana kwiNdebe yoMhlaba emcimbini obuseFrance ngempelasonto kodwa umqeqeshi uDesiree Ellis uthi banganqoba inqobo nje uma bezolandela izinhlelo eziqinile zamalungeselelo.
IBanyana ifakwe eqoqweni elilodwa kuGroup B neSpain, China neGermany. Izovula le midlalo, engonyaka ozayo eFrance, neSpain ngoJuni 8.
Kungokokuqala iqembu lamantombazane liya kwiNdebe yoMhlaba ngemuva kokuhluleka izikhawu ezimbalwa kweyokuhlunga. Kulokhu lingene ngokuthi lizibekisele indawo kowamanqamu we-African Women’s Cup of Nations eGhana ngeledlule.
Ekhuluma kwiSafa. net ngemuva kokuqhathwa kwamaqembu, u-Ellis uthe akukho okudlula amalungiselelo asezingeni nanokuhlala emaqhingeni abo uma sekudlalwa. Uthe yize bebasha kweyoMhlaba kodwa bazosebenzisa amava abawathole ngokudlala kumaOlympic asebekwenze izikhathi ezimbili, ngo-2012 nango-2016.
Ebuzwa ukuthi bazodlula yini esigabeni samaqoqo, uthe: “Ayikho into engeke yenzeke empilweni uma uzozimisela futhi uhlele kahle. Eqenjini siyakholelwa kuNkulunkulu, ngeke asilahle. Siyakholwa wukuthi uma sinohlelo namasu aqinile futhi esizokulandela kungenzeka noma yini. Njengoba ngike ngasho ukuthi asizile kwiNdebe yoMhlaba ukuzoncintisana kuphela kodwa sifuna ukushiya igama abantu basikhumbule.”
Iqembu esebeke badlala nalo eqoqweni yiChina eyabahlula ngo 2-0 kuma-Olympic eBrazil ngo-2016.
“Alikho iqoqo elilula, ngokwami belingeke libe khona vele kula mazwe awu-24 alapha. Sadlala kahle neChina kodwa bagcina besehlulile. Laba abanye kasibazi kodwa sizoluthola ulwazi ngabo. Kumele senze isiqiniseko sokuthi (kufika imidlalo) sisesimeni esiqatha ngokwemizimba,” kusho u-Ellis.
Amalungiselelo eBanyana abheke eFrance azoqala ngowobungani neSweden ngoJanuwari 22 eCape Town.