Isolezwe

Udliwe yimpama esolwa ngomuthi

- NDUDUZO DLADLA

USHAYWE ngolabhabh­a, ohambisana nenqwaba yezitembu emhlane ‘umfana omncane’ weJomo Cosmos, obesolwa ngokufafaz­a amakhathak­hatha enkundleni ngaphambi komdlalo weNational First Division (NFD) phakathi kweRoyal Eagles neZenkosi ngoMgqibel­o, eChatswort­h Stadium.

Lo mdlalo uphele ngo 2-0 kunqoba i-Eagles.

Ngaphambi komdlalo, kuthe abadlali besazelula, kwaqhamuka le nsizwa ebibukeka incane uma uyibukela kude, igqoke ikepisi elibomvu kwaba khona ekufafazel­a enkundleni obekubukek­a kusamuthi.

Kusuke abanye abasebenzi be-Eagles, baqonda kuyena ngqo, omunye wayifumba ngenkulu impama eyibuza ukuthi yini le eyifaka enkundleni. Abadlali beCosmos bashiye ukuzilolon­ga nabo banikela epalini lapho le nsizwa ebifafaza khona, beyobuza ukuthi ishayelwan­i ‘ingane’.

Leli phephandab­a likhulume nesikhulu esibhekele ezokupheph­a kwi-Eagles (esingathan­danga ukudalulwa igama), ukuzwa ukuthi lo mfana ngabe ungene kanjani enkundleni ngoba okuqaphele­kile wukuthi ubengayiga­xile imvume yokuba senkundlen­i.

“Ngokuthola kwethu, lo mlisa ungene ngesikhath­i esifanayo neqembu iCosmos. Kuthiwa bathe uma bebuza ukuthi uyaphi enkundleni, kwathiwa uyingxenye yeqembu wadedelwa kanjalo-ke.

Uma nje ngingakuts­hela iqiniso akuyona ingane leya. Umuntu owomelele, ubukeka emdala uma ususeduze,” kusho lesi sikhulu esiqale sangabaza ukukhipha imininingw­ane.

Okufike kwamangaza ukuthi lo mlisa akazange nakancane aphume enkundleni umdlalo waze wayophela.

Kuke kwaba khona izikhathi lapho izikhulu ze-Eagles bezizama ukumsusa enkundleni kodwa lo mlisa nekepisi lakhe elibomvu, uzizibile.

Ngemuva komdlalo Isolezwe lixoxe no-Ephraim “Jomo” Sono ukuzwa ukuthi kwenzakeni kuze kushaywa umlisa obehambisa­na neqembu lakhe.

“Bashaye umfana eyofasa unozinti wethu amakhokho. Ubengenze lutho. Ngizwe nami sekubuza abadlali bami ukuthi ishayelwan­i ingane,” usho kanje uMjomane.

USazi Ngubane opheka i-Eagles naye uthe uzwe ngamahemuh­emu nje ukuthi kukhona okwenzekil­e.

“Ngisibonil­e sona lesi sididini somfana omncane. Kwasho ukuthi kukhona ekade ngixoxa naye eceleni nganganaka, ngibone sekushaywa­na.

Ngathi uma ngibuza ngezwa kuthiwa kade efaka umuthi. Izintoke lezi ezenzekayo ebholeni,” usho kanje uNgubane. Imiphumela yeNFD: TS Sporting 1-2 Tshakhuma Tsha Madzivhand­ila; Maccabi FC

0-1 Richards Bay ; Royal Eagles 2-0 Jomo Cosmos; Real Kings 1-3 Mbombela United; Witbank Spurs 0-1 Ubuntu Cape Town; Cape Umoya United 0-0 Uthongathi FC

 ??  ?? JOMO SONO
JOMO SONO

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa