Isicelo sikaMicho kubalandeli bePirates
UMQEQESHI we-Orlando Pirates, uMulutin “Micho” Sredojevic ukholwa wukuthi abalandeli baleli qembu baphinde bakhunjuzwa ukuthi baneqembu abangakloloda ngalo futhi ukuphunyukwa yiTelkom Knockout akufanele kubadikibalise ngoba bazobuya ngamawala emiqhudelwaneni esele.
Bese kungokwesihlanu kulandelana iBucs ingena kowamanqamu bese ikhala ngaphansi njengoba kwenzekile ngoMgqibelo ebusuku ishaywa yiBaroka FC ngo 3-2 sekukhahlelwa amaphenathi eNelson Mandela Bay Stadium, ePort Elizabeth. Kuyiwa emaphenathini nje, umdlalo ubuphele zibambene ngo 2-2. IPirates ibuye kabili ilinganisa yize idlale isikhathi eside ingasaphelele kulandela ukukhishwa kukaMarshall Munetsi ngekhadi elibomvu. Nakuba uMicho ebephatheke kabi ngokuphunyukwa yithuba lokwengeza ezinkomishini ezisekhabetheni leBucs kodwa ubalule ukuthi unethemba lokuthi lokhu ngeke kubadikibalise ikakhulukazi abalandeli ngoba indlela iqembu lakhe elidlale ngayo kufanele yanelise noma ubani owuqonda kahle unobhutshuzwayo.
“Sikwenze konke obekufanele sikwenze kodwa sangayithola imiphumela ebesiyifuna. Empilweni kunezinto ongazihlela ngendlela othanda ngayo kodwa futhi kukhona ezihlelwa wuMdali.
Kulo mdlalo sikwenze konke obekulindeleke kithina kodwa ekugcineni kwaphika umphumela. Nginethemba lokuthi abalandeli bePirates bazolala nobuthongo ngoba bazibonele ukuthi iqembu labo lingamabhubesi. Kule eminye imiqhudelwano esisekuyona sizolwa ngawo wonke amandla esinawo ukuthi sibasule izinyembezi zaseNelson Mandela Bay,” usho kanje lo mqeqeshi.
Kuliqiniso ukuthi iPirates ikwenze konke lapha kwaphika inhlanhla ngoba bekuyiyona ebiphethe umdlalo futhi yakha namathuba angcono kodwa futhi kuyiyona ebidlala ingaphelele.
“Besiwuphethe umdlalo futhi iBaroka besiyithwese kanzima. Sizame konke kodwa kwacaca ukuthi inhlanhla ayikho ngakithina. Nokukhishwa kwekhadi akunginiki ukuthula kahle (enhliziyweni) ngoba kwenzeke phambi kwami. Bekungafanele kube yikhadi elibomvu ngoba uMunetsi udlale ibhola kuphela. Asikho nokho isidingo sokukhalela osekwenzekile ngoba ngeke kusashintsha.
“Sizobhukula ngemuva kwalo mphumela sizame ukuguqula isimo. Isekhona iligi, CAF Champions League kanti neNedbank Cup iseza futhi. Ngesikhathi sekhefu zishintshile izinto saqhubeka nokuhlasela kodwa kwanhlanga zimuka nomoya. Sigadle zephuka. Ngikhulekela ukuthi abalandeli bethu bakubonile lokhu,” kusho lo mqeqeshi osonge ngokubongela iBaroka ngokuhlabana kwayo.