UNyirenda akumethusi ukudla isicoco
AKUZANGE kumethuse ukudla isicoco seTelkom Knockout umqeqeshi weBaroka FC, uWedson Nyirenda, yize eqale ukusebenza ngokugcwele eNingizimu Afrika ezinyangeni ezinhlanu ezedlule.
IBaroka inqobe ngo 3-2 sekukhahlelwa amaphenathi ngemuva kokuthi uphele ngo 2-2umdlalo wamanqamu obuseNelson Mandela Bay Stadium ngoMgqibelo ebusuku.
UNyirenda, ongadinge kwethulwa kubathandi bebhola eNingizimu Afrika ngamagalelo akhe esengumgadli kwiKaizer Chiefs, utshele abezindaba ukuthi abaphathi beBaroka bambuke sengathi uyahlanya ebatshela ukuthi uzosidla isicoco seTelkom ezinyangeni ezedlule. Endleleni yeBaroka ebheke kowamanqamu ikhiphe iMamelodi Sundowns neBidvest Wits neLamontville Golde Arrows.
“Ngibatshele ngifika ukuthi ngizobafakela isicoco ekhabetheni kodwa bengibabona ukuthi abayikholwa le nto ebengibatshela yona ngaleso sikhathi. Angithukile ngoba lokhu okwenzekile ngakusho ngifika ukuthi kuzokwenzeka. Ngikuwina konke lapho ngiqeqesha khona ngakhoke nakwiBaroka bekungeke kushintshe,” usho kanje ngomoya ophansi.
Uyavuma ukuthi konke bekuvuna iPirates ngoba abalandeli abebebaningi abayo kodwa konke ubekubeke ekutheni abadlali bakhe bayithatha injengoba injalo yini imiyalelo.
“Ngizizwa ngihloniphekile ngenxa yabadlali bami. Lokhu bekungeke kwenzeke ukube bebengalaleli. Kusekuncane lokhu okwenzekile. Kuningi okuseza inqobo nje uma sizokhumbula njalo ukuthi singobani bese sihlala sinamathele ezinhlelweni esisuke sinazo. Besibhekene nelinye lamaqembu amakhulu hhayi eNingizimu Afrika kuphela kepha e-Afrika yonkana,” kusho lo mqeqeshi.
Ngokusho kwakhe, iBaroka iye kulo mdlalo yazi kahle ukuthi uThembinkosi Lorch, Vincent Pule noJustin Shonga yibona abathwele amathemba okuwina eBucs. ULorch ushayele iPirates igoli lokulinganisa kuba ngu 2-2- kodwa wageja iphenathi eweze iBaroka ngelibanzi.
“Uma uyibhekisisa kahle iPirates idlala ngalaba badlali bobathathu. Angikusho lokhu ngoba ngibukela phansi abanye kodwa ngiyasho nje. Ngelinye lamaqembu aqeqeshwa ngendlela eseqophelweni lomhlaba. Kusemqoka ukuthi ushayelwe ihlombe umsebenzi kaMicho (Milutin Sredojevic) nethimba lakhe.
“Bekufanele kube yithina esidla lesi sicoco ngoba besisidinga ngaphezulu kwePirates. Bekungafanele ukuthi lo mdlalo uze uye esikhathini esengeziwe kodwa kwenzeka ngoba sisafunda. Bekungafanele siyivumele ibuye kabili iPirates ingasaphelele kodwa kwenzeka. Lokhu yikhona kuphela okungazange kungijabulise kulo mdlalo,” kusho uNyirenda.
Uthe osekufanele kulandele manje wukuthi bakhohlwe wokwenzile bese bebheka okuzayo.
“Okujabulisa kakhulu wukuthi sengizosebenzisa lokhu kuwina ukukhumbuza abadlali bami ukuthi bayakwazi ukumelana namaqembu athathwa njengamakhulu. Ngikujabulele ukuthi sidlale size sifike kowamanqamu singangenelwanga yigoli ngoba enye yezinkinga engizifice kwiBaroka ukuvuza kodonga lwasemuva,” kusonga yena. Kusasa iBaroka izovakashela iSundowns emdlalweni weligi eLucas Moripe Stadium ngo-7.30 ebusuku.