Isolezwe

Isiphakami­so esenziwe yiSAHRC ikhipha umbiko

- MHLENGI SHANGASE

KUZOBA yimpoqo kubona bonke abafundi bakwaGrade 10 no-11 abafunda ezikoleni zakuleli ukuthi babhale indaba ngamalunge­lo abantu.

Lokhu kuvezwe yiSouth African Human Rights Commission (SAHRC) izolo ikhipha umbiko ngamacala amaningi abikwe kule khomishini onyakeni wezimali u-2016/2017.

U-Advocate Tseliso Thipanyane, isikhulu esiphezulu sale khomishini, uthe lokhu bakwenza ngokuhlang­anyela noMnyango weMfundo eyisisekel­o. Uthe bavumelene ngokuthi wonke umfundi owenza la mabanga abhale indatshana.

“Abafundi bazobhala ngamalunge­lo abantu. Wonke umfundi uzoyenza le ndaba ukuze bafunde ngamalunge­lo abantu.”

Usihlalo wekhomishi­ni, u-Advocate Bongani Majola, ukugcizele­le ukuthi minyaka yonke bagqugquze­la abafundi ukuthi babhale ngaphansi komncintis­wano wezikole iSchools Moot Court.

“Ngalokhu abafundi bayakwazi ukufunda ngamalunge­lo. Uma bebhala nemindeni yabo ibamba iqhaza kulokhu,” kusho uMajola.

Uveze ukuthi amacala amaningi abikiwe athinta indaba yokucwasa nokubukelw­a phansi kwamalunge­lo abantu nokuthi eminyakeni emihlanu edlule amacala abikiwe ayafana uma uqhathanis­a neminye iminyaka.

Kusukela ngo-2014 kuya ku-2016 amacala athinta ukulingana andile esuka ku-493 aya-749.

“Ayanda amacala athinta ukucwasa njengoba kwanda ukusetshen­ziswa kwezinkund­la zokuxhuman­a (Twitter, Facebook). Abantu bacwasa ngokobuhla­nga besebenzis­a igama eliqala ngo-K.”

Icala elibe sematheni elikaNkk Vicky Momberg owathuka iphoyisa uConstable Clement Mkhondo embiza ngegama eliqala ngo-K. Wagwetshwa iminyaka emithathu ebhadla ejele unyaka owodwa walengiswa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa