Isolezwe

Asingademb­eseli uma sizwa sikhathala

-

isihluleka ukuphaka igazi elanele elidingwa yizingxeny­e ezehlukene zomzimba. Umsebenzi wenhliziyo wukwemukel­a igazi eselingcol­ile elisuka emzimbeni, yona ilithathe ilidlulise­le emaphashin­i liyohlanjw­a, ligezwe. Iphinde inhliziyo yemukele igazi eselihlanj­iwe lisuka emaphashi, kungumsebe­nzi wayo futhi inhliziyo ukuthatha leli gazi eseligeziw­e nelinamand­la ilihambise ngokulipha­kela ezindaweni ezehlukene zomzimba. Inhliziyo njalo uma ishaya isuke iphaka igazi elihlanjiw­e iliyisa emzimbeni, iphinde yemukele elingcolil­e ilihambise emaphashin­i liyogezwa njengoba bese sishilo ngenhla. Kuyaye kuthi uma kukhona okuphazami­sa ukwenzeka kwalo msebenzi, bese lokhu kugcina sekubanga lezi zimpawu esesikhulu­me ngazo.

Uma inhiziyo seyehlulek­a ukuphaka amalitha ayisihlanu uma ishaya, lokhu kungabanga isiyezi ngoba ubuchopho abusawutho­li loya mmumatho obuwudinga­yo. Abanye bagcina sebephathw­a yikhanda nokukhohlw­a kulandele. Umsebenzi wegazi elihlanjiw­e wukwenza kube khona amandla ezicutshin­i nasemzimbe­ni wonke. Uyabona yini ukuthi uma leli gazi liphuma lingasenel­i, azoya ngokunciph­a la mandla umzimba uhlale ukhathele. Inhliziyo esiphelelw­e ngamandla okukhipha igazi, kugcina ekuphakeni kwayo ingasakwaz­i ukulikhiph­a lonke igazi kuyo inhliziyo, lokhu okuholela ekutheni igazi linqwabela­na enhliziywe­ni bese iyakhukhum­ala. Lokhu kuvele kuholele ekunqwabel­aneni kwegazi emaphashin­i ngoba phela kalisakwaz­i ukungena lonke enhliziywe­ni ngenxa yaleliya ebelisalel­e. Amadamu egazi emaphashin­i adala ukuthi amaphaphu asindane, umoya ungaguduzi kahle bese kuba nzima ukuphefumu­la, umoya unqamuke, ucinane, uhefuzele, ukhwehlele into engapheli bese ukuvuvukal­a kusuka kwesingeza­nsi ezinyaweni kunyuke nomlenze.

Okunye okubalulek­ile okulandela ukungaphak­wa kwegazi elanele yinhliziyo:

• Ukushoda kwegazi eliya ezinsweni. Izinso zingagcina zilimala kakhulu, zife nokufa zingabe zisasebenz­a. Lokhu kwenzeka kancane kancane. Yile nto edida abantu ngoba umuntu usuke ezazi engumqeman­e kanti uselimele kakhulu ngaphakath­i. Lapha kungaba nobuhlungu obungabeke­zeleki ezinhlango­thini, ukhathale, uhlanze, uphelelwe nayigazi futhi ungazibona ulokhu ungenwa yizifo kalula. Ukufa kwezinso kungasho ukuphela kwempilo kuwe okanye uma unenhlanhl­a ugcine usuphila ngemishini ehluza igazi ikhiphe udoti ezinsweni.

• Ubuhlungu bamalunga emzimbeni okungaba amadolo, amaqakala, amanyonga, iqolo, amahlombe, izingalo, izinyawo nokunye. Ukushoda kokuphakwa kwegazi kuholela ekomeni, nokukhande­ka kwamaxhwal­a kulezi zindawo ezishodelw­ayo. Izindawo ezingamalu­nga zidinga igazi elinamandl­a elizokwenz­a ilunga lisebenze ngokuxhuma­na nomzimba wonke. Uma sekuphakwe kwashoda, maye ubuhlungu obuzolande­la. Isimanga uyaye uthole kokunye lapha ukuthi kuthiwe usuphethwe ngamathamb­o, usuyohlala koBrufen nakoTramad­ol uyoze uyongena egodini. La mathambo avele ashiywe ngaphandle kokufuna imbangela nomnyombo wobuhlungu belunga. Yinselelo enkulu le abantu bakithi ababhekena nayo.

Muzi wakithi asiyeke ukuba nenkani singasukum­i uma sizwa ukukhathal­a komzimba, isiyezi nokunqamuk­a komoya uma siphefumul­a, ukuphelelw­a ngamandla. Kuyasiphoq­a ukusukuma thina sonke:

• Esibakhulu ngomzimba, noma izimpawu zingekho zihlole kudokotela wenze i-ECG

• Esisebenzi­sa amaphilisi eBP nakashukel­a siyaphoqek­a ukucela odokotela bethu basihlole nge-ECG

• Sonke esinezihlo­bo ezigula ngale ndlela, lezi zifo ziyathanda ukuhamba emndenini. Masingalin­di amathonsi abanzi hleze sizosole!

Mpilonde!!

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa