Bakhala ngokuhlushwa omahosha
IZINHLANGANO ezilwela amalungelo abantu abadayisa ngomzimba zikhala ngokuqhubeka kokuhlukunyezwa kwabadayisa ngomzimba ngenxa yemithetho yakuleli.
Lezi zinhlangano okubalwa kuzo iNational Sex Workers Movement in South Africa (Sisonke) neSex Workers Education and Advocacy Taskforce (SWEAT) zikhala ngokuthi abaqwayizi basanenkinga ngenxa yokuhlukunyezwa.
Zikusho lokhu ngesikhathi kugujwa usuku lokuvikela ukuhlukunyezwa kwabaqwayizi ngempelasonto.
UNksz Kholi Buthelezi, ongumgqugquzeli weSisonke kuzwelonke, uthe ngeke bakwazi ukuqinisekisa ukuvikeleka kwabaqwayizi uma imithetho yakuleli ingakugqugquzeli lokhu.
“Akulula ukuthi kuqinisekiswe ukuphepha kwabaqwayizi njengoba imithetho yakuleli isabenza abantu abanecala. Lokhu kusishiye nezibazi ezizokwenza kube nzima ukuthi siphole ngoba kunemindeni eminingi esiyalahlekelwa abazali, omama, obhuthi nosisi abebengewona kuphela amalungu emindeni kodwa obekuyibo abebondla imindeni,” kusho uNksz Buthelezi.
UNksz Buthelezi uthe noma ubukeka umkhulu umsebenzi owenziwa ekulweni nokusabalala kwegciwane lengculazi kodwa kuncane kakhulu okukhombisa okwenziwa ukulwela amalungelo abaqwayizi.
Usuku lokubungaza nokugqugquzela ukuvikelwa kokuhlukunyezwa kwabaqwayizi luqale ukugujwa ngo-2003 emuva kokuthi umlisa wase-United States wavuma ukuthi wabulala abesifazane abangu-48 oningi labo kwakungabaqwayizi.
Abasunguli kokugujwa kwalolu suku, uDkt Annie Sprinkle noNksz Robyn Few baqala imigubho yokugqugquzela ukuvikelwa kwabaqwayizi ngenhloso yokugqamisa izigameko zokuhlukunyezwa kwabo emhlabeni wonkana.
UNksz Nosipho Vidima, obhekele ukuhlonishwa kwamalungelo abantu kwiSWEAT, uthe njengengxenye yomkhankaso wabo i-#SayHerName, eyenziwe yibona neSisonke nezinye izinhlangano abasebenzisana nazo sebekwaze ukuqoqa iminingwane eminingi ngokuhlukunyezwa kwabaqwayizi okukhona kubo nasebeshonile bebulawa ngamaphoyisa, abanye bebulawa ngophathina babo.
“Kusuka ngoJanuwari kuze kube nguNovemba nonyaka zilinganiselwa ku-26 izigameko zokufa (kwabaqwayizi), ngeshwa lezi zigameko ziyanda ngesikhathi samaholidi kaDisemba. Lezi yizigameko ezisuke zibikwe kithina zibikwa abantu esisebenzisana nabo nezibikwa ocingweni lwethu nezibikwa ngabanye abaqwayizi. Kunezinye eziningi ezigcina zingazange zibikwe,” kusho uNksz Vidima.
Njengoba bekusongwa umkhankaso wokuvikela ukuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane, i-16 Days of Activism for No Violence Against Women and Children izolo, banxuse ukuthi uhulumeni akuthathele phezulu ukuvikela abaqwayizi bakuleli ngokuthi kuqedwe imithetho eyenza kube wubugebengu ukudayisa umzimba. UNksz Buthelezi uthe kungangcono uma kungakhona ushintsho olungenziwa ukwenza ngcono isimo okusebenza kuso abaqwayizi ngoba nabo bangabantu ngaphambi kokuthi babe ngabaqwayizi.
Uqhube wathi indlela efanelekile yokugubha usuku lokuvikela udlame olubhekiswe kubaqwayizi kungaba ukuqeda imithetho eyenza ukudayisa umzimba kube yicala.
Uthe lokhu kungenza ukuthi bangacwaswa abaqwayizi futhi bangahlukunyezwa ngoba isikhathi esiningi bahlukunyezwa amaphoyisa bese bengakwazi nokuthola usizo lwezempilo kwezinye izikhungo zezempilo.