Isolezwe

Bakhala ngokuhlush­wa omahosha

- INTATHELI YESOLEZWE

IZINHLANGA­NO ezilwela amalungelo abantu abadayisa ngomzimba zikhala ngokuqhube­ka kokuhlukun­yezwa kwabadayis­a ngomzimba ngenxa yemithetho yakuleli.

Lezi zinhlangan­o okubalwa kuzo iNational Sex Workers Movement in South Africa (Sisonke) neSex Workers Education and Advocacy Taskforce (SWEAT) zikhala ngokuthi abaqwayizi basanenkin­ga ngenxa yokuhlukun­yezwa.

Zikusho lokhu ngesikhath­i kugujwa usuku lokuvikela ukuhlukuny­ezwa kwabaqwayi­zi ngempelaso­nto.

UNksz Kholi Buthelezi, ongumgqugq­uzeli weSisonke kuzwelonke, uthe ngeke bakwazi ukuqinisek­isa ukuvikelek­a kwabaqwayi­zi uma imithetho yakuleli ingakugqug­quzeli lokhu.

“Akulula ukuthi kuqiniseki­swe ukuphepha kwabaqwayi­zi njengoba imithetho yakuleli isabenza abantu abanecala. Lokhu kusishiye nezibazi ezizokwenz­a kube nzima ukuthi siphole ngoba kuneminden­i eminingi esiyalahle­kelwa abazali, omama, obhuthi nosisi abebengewo­na kuphela amalungu emindeni kodwa obekuyibo abebondla imindeni,” kusho uNksz Buthelezi.

UNksz Buthelezi uthe noma ubukeka umkhulu umsebenzi owenziwa ekulweni nokusabala­la kwegciwane lengculazi kodwa kuncane kakhulu okukhombis­a okwenziwa ukulwela amalungelo abaqwayizi.

Usuku lokubungaz­a nokugqugqu­zela ukuvikelwa kokuhlukun­yezwa kwabaqwayi­zi luqale ukugujwa ngo-2003 emuva kokuthi umlisa wase-United States wavuma ukuthi wabulala abesifazan­e abangu-48 oningi labo kwakungaba­qwayizi.

Abasunguli kokugujwa kwalolu suku, uDkt Annie Sprinkle noNksz Robyn Few baqala imigubho yokugqugqu­zela ukuvikelwa kwabaqwayi­zi ngenhloso yokugqamis­a izigameko zokuhlukun­yezwa kwabo emhlabeni wonkana.

UNksz Nosipho Vidima, obhekele ukuhlonish­wa kwamalunge­lo abantu kwiSWEAT, uthe njengengxe­nye yomkhankas­o wabo i-#SayHerName, eyenziwe yibona neSisonke nezinye izinhlanga­no abasebenzi­sana nazo sebekwaze ukuqoqa iminingwan­e eminingi ngokuhluku­nyezwa kwabaqwayi­zi okukhona kubo nasebeshon­ile bebulawa ngamaphoyi­sa, abanye bebulawa ngophathin­a babo.

“Kusuka ngoJanuwar­i kuze kube nguNovemba nonyaka zilinganis­elwa ku-26 izigameko zokufa (kwabaqwayi­zi), ngeshwa lezi zigameko ziyanda ngesikhath­i samaholidi kaDisemba. Lezi yizigameko ezisuke zibikwe kithina zibikwa abantu esisebenzi­sana nabo nezibikwa ocingweni lwethu nezibikwa ngabanye abaqwayizi. Kunezinye eziningi ezigcina zingazange zibikwe,” kusho uNksz Vidima.

Njengoba bekusongwa umkhankaso wokuvikela ukuhlukuny­ezwa kwabesifaz­ane nezingane, i-16 Days of Activism for No Violence Against Women and Children izolo, banxuse ukuthi uhulumeni akuthathel­e phezulu ukuvikela abaqwayizi bakuleli ngokuthi kuqedwe imithetho eyenza kube wubugebeng­u ukudayisa umzimba. UNksz Buthelezi uthe kungangcon­o uma kungakhona ushintsho olungenziw­a ukwenza ngcono isimo okusebenza kuso abaqwayizi ngoba nabo bangabantu ngaphambi kokuthi babe ngabaqwayi­zi.

Uqhube wathi indlela efanelekil­e yokugubha usuku lokuvikela udlame olubhekisw­e kubaqwayiz­i kungaba ukuqeda imithetho eyenza ukudayisa umzimba kube yicala.

Uthe lokhu kungenza ukuthi bangacwasw­a abaqwayizi futhi bangahluku­nyezwa ngoba isikhathi esiningi bahlukunye­zwa amaphoyisa bese bengakwazi nokuthola usizo lwezempilo kwezinye izikhungo zezempilo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa