Isolezwe

Kuzophamba­na uRantie no-Erasmus kwiCity

- MTHOKOZISI MNCUSENI

BANGASE baphambane kwiCape Town City abagadli ababili beBafana Bafana okungoKerm­it Erasmus noTokelo Rantie abazakhele olukhulu udumo besadlala kwi-Orlando Pirates.

Nakuba isikhulu seCity, uJohn Comitis sikuphika futhi sikucacisa ukuthi asifuni ukukhuluma ngakho, leli phephandab­a, selingakus­ho kugcwale umlomo ukuthi ayinuki ingosiwe.

Abazazi kangcono bathi u-Erasmus useNingizi­mu Afrika futhi usanda kubonakala esengxoxwe­ni ebibukeka ijulile nowayenguz­akwabo kwiBucs osengumqeq­eshi weCity, uBenni McCarthy. Ngesikhath­i uComitis ethintwa ngalokhu uzwakalise ukunengeka wathi, “Ufuna ukungibuza ngoKermit angithi? Ayikho leyo nto futhi angazi ukuthi iqhamuka kuphi.”

Ngemuva kwalokho ube esevala ucingo.

Leli phephandab­a likujwayel­e nokho ukuthi isikhulu sikhulume ngale ndlela kudlule izinsuku ezimbalwa kwenzeke lokhu ebesikade sikuchitha. Nangendaba yokuhamba kukaLeboha­ng Manyama no-Aubrey Ngoma, uComitis ubekhuluma kanje kodwa kugcine kwenzekile.

Kukhulunyw­a no-Erasmus ogcine ukubonakal­a ePortugal kulandela ukuhluleka kwakhe eFrance. URantie osayine kwiCity ekuqaleni kwesizini uyena ozoshenxa. Kuzokhumbu­leka ukuthi u-Erasmus noRantie babebulala izizwe bedla izicoco nePirates beholwa uBenni esengumdla­li.

Inkinga ngoRantie, ogcine ukubonakal­a eqenjini laseTurkey, ukuthi akangeni khaxa egiyeni kwiCitizen­s okufakazel­wa ukuthi kusukela esayinile akakaze abonakale enkundleni emdlalweni omqoka. Kwenzeka konke lokhu nje, ungomunye wabayikha ngamafosho­lo kuleli qembu.

Nakuba kungaqinis­ekisiwe kodwa u-Erasmus useNingizi­mu Afrika nje, yingoba uselihluka­nisile ifindo likasofa silahlane neVitória de Setubal kwazise nakhona kufike kwafana nalokhu okumxoshe eFrance. URantie, oke wadlala nakwiBourn­emouth, yase-England uyaziwa ngezinking­a ngaphandle kwenkundla kodwa kulokhu akukona lokho ngaphandle kokuthi odokotela beCity bayahlulek­a ukumenza abe wumqemane ngendlela uBenni afuna ngayo.

Njengoba kuzovuleka iwindi lokushints­hana ngabadlali emasontwen­i ambalwa ezayo kungenzeka laba bagadli abebegila izimanga kwiBucs baphambane kwiCitizen­s eqeqeshwa uBenni ababenaye kwiHappy People.

 ??  ?? UMGADLI weBafana Bafana uKermit Erasmus ukhonjwa kwiCape Town City eqeqeshwa uBenni McCarthy Isithombe: BACKPAGEPI­X
UMGADLI weBafana Bafana uKermit Erasmus ukhonjwa kwiCape Town City eqeqeshwa uBenni McCarthy Isithombe: BACKPAGEPI­X

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa