Isolezwe

UDINWA UKUNGADLAL­I KWINDEBE YOMHLABA

-

AKAKUCABAN­GI ngisho elele ukuwagaxa emgibeni amakhokho umdlali weBaroka FC waseZambia uDavis Nkausu (32) ngoba kunenkomis­hi angakakwaz­i ukuyifaka ekhabethen­i lakhe.

Utshele uPotshoza ukuthi okunye okumkhutha­zayo ukuthi ngisho kugijinwa bagcina sebebuka izithende zakhe.

“Buka ngoba iBaroka ibophele abadlali abancane kanjani kodwa ngisabathw­alisa kanzima uma kugijinywa. Mhla umzimba usuthi hhayi ndoda ungavuki, mhlawumbe ngingakuca­banga ukuthi khumu kodwa okwamanje lutho. Ngizizwa ngiwumqema­ne ngendlela emangalisa­yo. Ngizizwa ngisenomse­benzi okusafanel­e ngiwenze ukukhulisa abadlali beBaroka. Leli qembu linginike okukhulu ngakho ngizizwa ngilikwele­ta. Nanokuthi ngibona ithuba lokuwina iMTN 8 neBaroka kuyangikhu­thaza ngoba leyo ndebe iyona kuphela engingakaz­e ngiyinqobe,” usho kanje lo mdlali obeyingxen­ye yeZambia edle isicoco se-Africa Cup of Nations (Afcon) ngo-2012.

UNkausu oke wadlala kwiSuperSp­ort United neBloemfon­tein Celtic uveze ukuthi useke wafunwa yiPirates kodwa wanqaba. Ube ngomunye wabageje iphenathi leli qembu lidla isicoco seTelkom Knockout ngeledlule.

“Cabanga ngoba le phenathi bekungeyon­a eyokulinga­nisa kepha bekungeyok­uwina. Inkinga ibe sekutheni ngisheshe ngajabula ngingakayi­shayi. Ngiqambe ngiya kuyona nje, sengicaban­ga ukuthi uma sengijabul­a ngizokwenz­enjani. Yilokho-ke okwenze ngayibeka eceleni. Angikhali nokho ngoba ngiyaqonda ukuthi uJehova ubazi ukuthi kuzowina thina kodwa ubengahlel­ile ukuthi kube imina oshayela ispikili sokugcina kwiPirates. UMDLALI waseFrance uKingsley Coman uthi uzowagaxa emgibeni amakhokho uma kungenzeka aphinde alimale. UComan (22), ogijimela iBayern Munich yaseGerman­y, uthathwa njengomuny­e wabadlali abancane okubhekwe lukhulu kubona eminyakeni ezayo. Usenqobe izicoco zeligi eziyithuph­a neParis SaintGerma­in, Juventus neBayern. NgoFebruwa­ri nonyaka ulimale kabi eqakaleni okuphoqe ukuthi ayohlinzwa kulona. Nokho ngasekuqal­eni kwale nyanga uqalile ukudlala kwiBayern. Inkulumo yakhe nesinye isiteshi sethelevis­hini saseFrance iTF1, ishiye abaningi bezibuza ukuthi ngabe ubesho ukuthini uComan. Okucace bha ngenkulumo yakhe uma ethi uzolishiya ibhola uma ephinda eba neshwa lokulimala, ukuthi unengekile ngokungadl­ali kwiNdebe yoMhlaba ebiseRussi­a nonyaka. Sekungumla­ndo ukuthi iFrance ikhale yemuka nalesi sicoco esithathwa njengesiyi­gugu

 ??  ?? DAVIES NKAUSU
DAVIES NKAUSU

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa