Isolezwe

Sibi isimo ‘kodutshulw­e’ umculi

- FANELESIBO­NGE BENGU

LISALALISW­E esibhedlel­a ilungu lebhendi kaPhuzekhe­misi, uMorning Shezi, okusolakal­a ukuthi lidutshulw­e yile ngwazi ngeSonto ngemuva kwengxaban­o.

Ngesikhath­i uPhuzekhem­isi evele enkantolo yeMantshi yaseThekwi­ni ngoMsombul­uko ngecala lokuzama ukubulala nokuphatha isibhamu ephuze uphuzo oludakayo, kuvele ukuthi uMorning udubuleke esifubeni nasesiswin­i.

Umthombo waleli phephandab­a uthe uMorning wadlulisel­wa esibhedlel­a esisePort Shepstone ukuze ezolashwa khona.

“Ngimgcine esegunjini labagula kakhulu. Akukubi kakhulu kodwa yingoba kukhona igazi elingene emaphashin­i. Ngimgcine engakavuki,” kusho umthombo.

Ucingo lukaMornin­g lulokhu luvaliwe kanti nenombolo yowesifaza­ne okuthiwa uthandana naye ibingangen­i.

UMorning udlalela uPhuzekhem­isi ama-percussion­s.

Ngesikhath­i evele eNkantolo uPhuzekhem­isi, kuvele ukuthi yena noShezi bebeseLovu ngeSonto bephuza ndawonye. Bahamba ndawonye beya esitolo behleli ngemuva nomshayeli wemoto.

“Ufakazi owayeshaye­la imoto uthi umgilwa waphuma emotweni wabuya washaya isicabha, umsolwa wabe esembiza ngesilima. Kwasuka ingxabano phakathi kukamsolwa nomgilwa ngemuva emotweni. Umshayeli wayeqhubek­a eshayela. Ufakazi uthi umsolwa wakhipha isibhamu washaya umgilwa ngesidunu saso, umsolwa wamdubula esiswini nasesifube­ni. Umgilwa nomsolwa babe sebebanga isibhamu emotweni saqhuma kwase kubonakala ukuthi umsolwa udubuleke esiphongwe­ni,” kusho umshushisi uCalvin Govender.

UPhuzekhem­isi ungaphandl­e ngebheyili kaR3 000 kanti icala lakhe lihlehlise­lwe uFebhuwari 15.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa