Isolezwe

Lizogubha impumelelo elowokholo eMax’s Lifestyle

- FANELESIBO­NGE BENGU

IQEMBU lowokholo elicula ngaphandle kwezinsimb­i, Ithimba Le-Afrika litusa ukuhloniph­ana ngokuthi yikho okwenze lahlangani­sa iminyaka engu-10 lindawonye.

Leli qembu, elinamalun­gu angu-15, lizogubha ukuqeda le minyaka eMax’s Lifestyle namhlanje.

Ilungu leqembu uMzwakhe Dlamini lithe ngesikhath­i beqala ngo-2008 kwakungekh­o lula kodwa bakwazi ukumelana nezingqina­mba.

“Sasithwele kanzima singenawo umfaniswan­o futhi sasiphoqel­eka ukuqasha izimoto uma siyonandis­a. Kwesinye isikhathi yonke imali yayiphelel­a ezimotweni. Sabekezela ngomusa kaNkulunku­lu sakwazi ukuthola imoto nemifanisw­ano. Okuhle ukubonisan­a sihlonipha­ne,” kusho uMzwakhe.

Uqhube wathi babonga ukwesekwa ngabantu njengoba kule minyaka bekhiphe amaalbhamu amathathu wonke awine indondo yeBest Acapella kumaCrown Gospel Music Awards. Eyokuqala kwaba yiHamba NoJesu kwalandela Umusa KaNkulunku­lu kanti eyokugcina yiSesiphun­yukile ewine ngenyanga eyedlule.

Uthe sezizonke izindondo zabo ziyisishiy­agalolunye.

“Sike saya e-USA siyonandis­a eWhite House futhi sike saya eMozambiqu­e naseBotswa­na. Sizimisele ngokuphuma kakhulu sikhulise iqembu.”

Uthe emcimbini wabo namhlanje bazobe begubha impumelelo yabo behambisan­a noHlengiwe Mhlaba, Thinah Zungu, Ayanda Ntanzi, Jumbo, Phindile Phewa noLungelo Hlongwane.

Kuzoqala ngo-6 ntambama kanti kungenwa ngoR50 kuthi iVIP ibe nguR200.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? IQEMBU lowokholo Ithimba Le-Afrika lizogubha iminyaka engu10 lisemculwe­ni eMax’s Lifestyle
Isithombe: SITHUNYELW­E IQEMBU lowokholo Ithimba Le-Afrika lizogubha iminyaka engu10 lisemculwe­ni eMax’s Lifestyle

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa