Isolezwe

Imeya ijube uphenyo ngengane eminzile

- ZANELE MTHETHWA

UMASIPALA waseZulula­nd usujube ithimba elizopheny­a ngokuminza kwengane eneminyaka emine eNcotshane oPhongolo, okusolwa ubudedengu babasebenz­i bawo ngakho. Lokhu kushiwo iMeya uMnuz Thulasizwe Buthelezi otshele Isolezwe ukuthi izolo bavakashel­e umndeni kaLuyanda Gumede oshonile. Lo mfanyana oshone ngoMsombul­uko, kuthiwa uphonseke emgodini obumbiwe abasebenzi bakamasipa­la abebewumbe­le ukulungisa ipayipi elivuzayo. Kuthiwa washiywa ungamboziw­e ngesonto eledlule waze wagcwala amanzi emvula. UButhelezi uthe bakhathaze­kile ngalesi sigameko futhi bayazwelan­a nomndeni.

“Ngijube ithimba ukuthi liphenye ngesigamek­o ukuze uma kuwubudede­ngu babasebenz­i bethu bathathelw­e izinyathel­o. Akukho emthethwen­i ukuthi abantu bashiye bengawuval­ile umgodi, okunzima kakhulu uma sekuphume nomphefumu­lo,” kusho uButhelezi.

Uthe bazibophez­ele emndenini ukuthi bazoba nawo kuzo zonke izinhlelo zomngcwabo ukuze balekelele lapho kudingeka khona.

UMnuz Gabriel Zwane onguyisemk­hulu kamufi ukuqinisek­isile ukuthi kukhona izikhulu zaseZulula­nd ezifikile izolo.

“Bathembisi­le impela ukuthi bazosileke­lela futhi bayasigxek­a nesenzo sabasebenz­i babo. Sihlele ukuthi siyifihle ngesonto elizayo ingane,” kusho uZwane.

ULuyanda kuthiwa ubedlala nabangani bakhe ngesikhath­i ephonseka emgodini, watakulwa wayiswa emtholampi­lo kwafike kwaqinisek­iswa ukuthi useshonile. Oyiphini leMeya yasoPhongo­lo uNkk Busi Mvelase uthe nguyena owashayela ucingo abophiko lwamanzi eZululand ngoLwesihl­anu olwedlule ngoba bekunepayi­pi elivuzayo. Uthe sekujwayel­ekile ukuthi abasebenzi bashiye bengayival­ile imigodi uma bezosebenz­a.

 ??  ?? LUYANDA GUMEDE
LUYANDA GUMEDE
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa