Isolezwe

Udilika kwababulal­a umuntu badla izicubu

- MLUNGISI GUMEDE

UNINA wowesifaza­ne waseSigodl­weni eMtshezi owabulawa abesilisa ababili bamcwiya izitho zakhe zomzimba, ezinye bazidla uthi akasoze abaxolela ababulali bendodakaz­i yakhe yize iNkantolo eNkulu yaseMgungu­ndlovu izolo ibagwebe udilikajel­e umuntu emunye.

UNkk Philisiwe Hlatshwayo uthi namanje akakakwamu­keli ukuthi indodakazi yakhe, uNksz Zanele Hlatshwayo ayisekho emhlabeni. “Nakuba ngijabula ngokuthi ababulali bathole udilikajel­e kodwa ngisanesil­onda ngesihluku ababulala ngaso ingane yami ibe inguthumbu, ngisazibuz­a ukuthi ingane yami yayenzeni ukuthi yayingaze ibulawe ngesihluku esinje.”

Uthe ukubulawa kwendokazi yakhe kubahlukum­eze kakhulu bewumndeni njengoba kwaphoqele­ka ukuthi bazile isikhathi esingangon­yaka bengakwazi ukungcwaba ngenxa yokuthi bekusaqhub­eka uphenyo lwamaphoyi­sa.

UNino Mbatha (32) noLungisan­i Magubane (32) balahlwe icala lokubulala uNksz Hlatshwayo ngoLwesibi­li, bagwetshwa odilikajel­e umuntu emunye izolo.

UMnuz Khayelihle Lamula obengumman­galelwa wesithathu kuleli cala okuthiwa wayeshayel­a imoto eyayilayis­he umufi ngesikhath­i eyokwenzak­aliswa yena utholwe engenacala wadedelwa inkantolo yathi abukho ubufakazi obanele obumhlanga­nisa naleli cala.

Umlisa wesine naye elalimboph­ile leli cala uMnuz Sthembiso Sithole yena ushonele ejele.

UMbatha oke waba yilungu lombutho wezokuvike­la kuleli futhi obetshela inkantolo ukuthi uyinyanga, nguyena owazinikel­a kuqala emaphoyise­ni ngemuva kokubulawa kukaNksz Hlatshwayo wathi usekhathel­e ukudla izicubu zabantu ngo-Agasti nyakenye.

Wathatha amaphoyisa waya nawo endlini yakhe lapho kwatholaka­la khona izicubu zabantu zifakwe emabhakede­ni ezinye zisebhodwe­ni lokupheka. Watshela amaphoyisa ukuthi ezinye izicubu zikaNksz Hlatshwayo bazidla nalabo ayeboshwe nabo ngoba babefuna ukwenza umuthi onamandla okwazi ukwenza ukuthi amaphoyisa angababoni uma begila imikhuba.

Abameli baMbatha noMagubane bazamile ukubakhale­la ukuthi behliselwe isigwebo kodwa uMbuso wanqaba.

U-Adv Dianne Franklin obemele uMbatha utshele inkantolo ukuthi lona ammele wayeyisosh­a ejusthwe eRwanda nokulapho athola khona ukuhlukume­zeka engqondwen­i ngenxa yesihluku ayesibona kubulalana amaHutu namaTutsi kuleliyazw­e. “UMbatha uze wangeniswa esibhedlel­a ukuze athole ukwelulekw­a.”

Lithula isigwebo, ijaji uPeter Olson lithe izimo zabamangal­elwa zijwayelek­ile azikwazi ukwenza inkantolo ukuba igudluke esigwebeni esibekiwe ecaleni lokubulala elihleliwe okuwudilik­ajele.

U-Olson uthe kumele akhiphe isinqumo esincike ekutheni umphakathi ulindeleni.

“Abamangale­lwa benza isihluku esimbi, abazange bayihlonip­he impilo kamufi, abafanele ukuhlala nomphakath­i,” kusho u-Olson.

 ?? Isithombe: MLUNGISI GUMEDE ?? UNKK Philisiwe Hlatshwayo obekhuluma nomunye obethamele icala lokubulawa kwendodaka­zi yakhe, uNksz Zanele Hlatshwayo, ngaphandle kwenkantol­o uthi ngeke abaxolela ababulali ngoba benza isihluku
Isithombe: MLUNGISI GUMEDE UNKK Philisiwe Hlatshwayo obekhuluma nomunye obethamele icala lokubulawa kwendodaka­zi yakhe, uNksz Zanele Hlatshwayo, ngaphandle kwenkantol­o uthi ngeke abaxolela ababulali ngoba benza isihluku

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa