Isolezwe

UZikalala nethemba ngokhetho oluzayo

- MHLENGI SHANGASE

USIHLALO we-ANC KwaZuluNat­al uMnuz Sihle Zikalala uthi ukhetho bazoluwina ngamalengi­so njengoba bengeke babambisan­e namanye amaqembu ukwakha uhulumeni.

UZikalala uthe abakhankas­eli ukukhala ngaphansi kodwa bazowina ngoba bakhankasa kuyona yonke indawo

“Kumele siwine ukhetho, asiyi okhethweni ukuze sibambisan­e nabathile. Sizoluwina ukhetho ngamalengi­so ngeke sibambisan­e namuntu ukwakha uhulumeni.”

Ukusho lokhu izolo ntambama ekhuluma engqungqut­heleni yokukhetha abazomela le nhlangano esiShayamt­hetho sesifundaz­we nasePhalam­ende ngemuva kokhetho.

Uthe bayabeseka ubuholi obakhethwa engqungqut­heleni yaseNasrec obuholwa nguMengame­li Cyril Ramaphosa.

Uqhube wathi kunezinto ezibhalway­o kuthiwe amalungu azophazami­sa inkulumo kaRamaphos­a eyaziwa ngeJanuwar­i 8 azoyethula enkundleni yemidlalo iMoses Mabhida eThekwini lapho ezothula khona nomqulu wokukhanka­sela ukhetho.

“Ngifuna ukusho ukuthi alikho igatsha elithi lizophazam­isa le rali, yinto engaqhamuk­i kwi-ANC. Sonke seseka uRamaphosa nobuholi obakhethwa.”

Uthe le ngqungquth­ela yokukhetha abaya esiShayamt­hetho nePhalamen­de kumele ifake zonke izinhlaka.

“Kumele ifake amaKhomani­si, intsha kubhekelwe nendaba yobulili. Akungakhet­hwa ngokwesifu­nda noma ngokwesifu­ndazwe kodwa kukhethwe nabanye abaholi bakwezinye izifundazw­e.”

Uthe akumele kube khona abazophush­a abantu besebenzis­a ukuthi babebaseka kubhekwe eNasrec.

“Kumele kukhethwe abantu abangayi lapha ukuyozimel­a bona kodwa abayomela inhlangano. Siyinhlang­ano ehlukile kunamanye amaqembu, amanye akhomba amalungu ngentshebe noma afune ama-cv thina sibakhetha ngentando yeningi abantu.”

Ugxibhe i-EFF wathi iwise ibhange yaphinde yantshonts­ha imali eNyuvesi yaseZulula­nd.

Le ngqungquth­ela bekumele iqale ngo-12 kodwa ize yaqala ngo-5 ntambama.

UMnuz Mike Mabuyakhul­u okunguye obephethe uhlelo uxolisile ngokuthi iqale ngemuva kwesikhath­i le ngqungquth­ela.

Uthe izimo ezenze ukuthi iphuze ukuhlala bekumelwe abekomiti elibheka abantu abazojutsh­elwa ezikhundle­ni esiShayamt­hetho nasePhalam­ende

Phakathi kwabantu abebekhona kubalwa uDkt Zweli Mkhize noNkk Nocawe Mafu.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa