Isolezwe

Ufakwe ngaphansi komlawuli umasipala waseNdumen­i

- INTATHELI YESOLEZWE

IZINKINGA ebezilakan­yana zikaMasipa­la waseNdumen­i, eDundee, zigcine ziphoqa isigungu sikahulume­ni wakwaZulu-Natal esiholwa, uNdunankul­u uWillies Mchunu ukuba sinqume ukuthi umkhandlu uphucwe amandla.

Izolo uNgqongqos­he wezokuBusa nokuBambis­ana neziNdaba zoMdabu KwaZuluNat­al, uNkk Nomusa Dube Ncube umemezele ukuthi lo mkhandlu usewufaka ngaphansi komlawuli womnyango wakhe ovunwa iSigaba -139 (1) (b).

“Emhlanganw­eni wakamuva weKhabhine­thi yaKwaZulu-Natal, eholwa uNdunakulu sivumelene ukuba kungenelel­e uMnyango wezokuBusa nokuBambis­ana neziNdaba zoMdabu ngokuba kufakwe umlawuli. Lo masipala usube sezinkinge­ni eziningi okubalwa ukulwa kwangaphak­athi nokuhlala isikhathi eside ungenayo iMeya noSomlomo. Kugcine sekuqokwa ubuholi obusha emasontwen­i edlule obuholwa uMeya uThabani Mlotshwa noSomlomo uLucky Khumalo nesibethem­ba kakhulu. Nokho izinkinga zibe ngaphezu kwamandla njengoba zisiphoqil­e ukuba singenelel­e ngoba nentuthuko ibingasayi emphakathi­ni,” kusho uNkk Dube Ncube.

Phakathi kwezinto ezizokwenz­iwa uMlawuli ukuphuthum­isa ukuvulwa kwamacala abathintek­a enkohlakal­weni kaR20 million ethinta amakhansel­a athile nezikhulu nabanye abasebenzi bangaphaka­thi.

Kuleli sonto kuvele umbiko ukuthi ulahlekile kwabuye kwathiwa imenenja emisiwe, uMnuz Sya Ntuli ubaleke nawo ngoba uthinta abangani bakhe. UNksz Dube Ncube uthe umnyango usunike umkhandlu omusha omunye umbiko.

Omunye wabasebenz­i uhlebele Isolezwe ukuthi kunzima nokuvuka uzosebenza kumasipala.

UNkk Dube Ncube uthe umlawuli uzobapheny­a izinqe abanukwa ngokuseben­zisa budlabha izimali zomphakath­i ukuba bangaphind­e basondele kuzo.

Esinye isisebenzi sisolwa ngokukhand­a inkampani engumbomba­yi behlangene nomfowabo oyiphoyisa lomgwaqo badla izizumbulu bekhokha kuyo njengeyenz­e umsebenzi.

Elinye ikhansela eligcine lixoshiwe lisolwa ngokukhwab­anisa imali nebeliyikh­ipha sengathi kunikelelw­a amasonto kodwa ibiya kubefundis­i abathile bayidle nalo.

Kumanje neMeya uMlotshwa ihleli ngesinqe esisodwa njengoba nayo kungenzeka ijazi ligcwale umoya ixoshwa iqembu layo kanti naye ukuqinisek­isile ukuthi ubiziwe ekomitini le-IFP ngoDisemba 19.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa