Isolezwe

‘Ubulale’ umalokazan­a emsola ngobunyumb­a

- LUNGI LANGA

USADIDEKIL­E umyeni wowesifaza­ne waseMgungu­ndlovu okuthiwa udutshulwe wabulawa ngubabezal­a wakhe obemgxeka ngokungaba­tholi abantwana.

UMnuz Khaya Majola (34) waseNdelek­eshana uthe namanje akakholwa ukuthi uyise uMnuz Mtuko Majola (65) udubule wabulala umkakhe maqede naye wazibulala. UNkk Nonzuzo Majola (34) kuthiwa ubulawe ngubabezal­a ngoLwesibi­li emini.

UMajola uthe uthole ucingo obeluvela kunina esemsebenz­ini lumbikela ukuthi akaphuthum­e ekhaya ngoLwesibi­li emini.

Uthe ngenxa yokuthi unina ubekhala ocingweni, abanye abebesegce­keni ebabuza ngokwenzek­ile nabo bangamtshe­la lutho bathi akaphuthum­e ekhaya.

“Ngifike ekhaya kugcwele abantu ngase ngikhangwa isidumbu sikababa embozwe ngengubo yokulala. Ngithe ngisamanga­zwe yilokho ngabona nomkami embozwe ngawo. Ngididekil­e ngangazi ukuthi kwenzekani kwaze kwabe bayangicha­zela okwenzekil­e,” kusho uMajola.

Uthe uthole ukuthi umkakhe ubebuya emtholampi­lo, uyise wambuza ukuthi uphumaphi wathi uma emtshela ukuthi uphuma emtholampi­lo, wathi akaveze ikhadi lasemthola­mpilo.

Kuthiwa uthe uma eliveza wamdubula ekhanda. Naye kuthiwa uphethe ngokuzidub­ula ekhanda washonela khona lapho.

UMajola uthe bekuba khona ukuhilizis­ana ngamazwi ekhaya njengoba bebehlala bonke egcekeni kodwa bebengazit­sheli ukuthi kungafinye­lela la.

Uthe ngesikhath­i kufika abantu abebesonde­lene nomkakhe uthole ukuthi umkakhe ubengahlel­i kahle ngoba uyise ubemfakela ingcindezi yokuthi athole umntwana.

Uthe yena nomkakhe bese beshade iminyaka ecishe ifinyelele kwemithath­u bengenanga­ne futhi yena ubengenank­inga ngalokho.

Uthe umkakhe ubekhuluma ngezinto ebezimphat­ha kabi kodwa lokhu engakhulum­i ngakho.

“Bengiqala ukuzwa ukuthi ubaba ubebuye akhulume naye kabi ngokungamt­holi (kwakhe) umntwana ngoba umkami ubengangit­sheli konke okumphatha kabi. Besithi uma sikhuluma ngengane athi kufanele siyithole ngoba nasekhaya bayayifuna. Nangesikha­thi eya emtholampi­lo ubeyofuna incwadi ezomdlulis­ela esibhedlel­a ukuze ayothola ngodaba lokuthola umntwana,” kusho uMajola.

Ukhihle isililo ngesikhath­i exoxa ngokuthi bebesondel­ene kangakanan­i nomkakhe.

“Angazi ukuthi ubaba ubengazibu­lali ngani yedwa uma efuna ukuzibulal­a – ukuthi angaze abulale umkami pho,” kubalisa uMajola.

Umfowabo kaMajola, uMnuz Siyabonga Majola uthe sibahlukum­ezile isenzo sikayise njengoba ethe yize bekukhona izinto abezenza ebezikhath­aza njengokuga­da umakoti wakwakhe nokumkheth­ela abantu okufanele akhulume noma ahlale nabo, bebengazit­sheli ukuthi angaze enze akwenzile.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala ukuqinisek­isile ukuthi amaphoyisa avule icala lokubulala nedokodo lokufa komuntu.

Uthe kodwa basaphenya ngokuholel­e kulesi sehlakalo.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa