Obedlwengula ephindelela ugwetshwe 485 weminyaka
SEBEZOHAMBA ngokukhululeka abesifazane abadlwengulwa yindoda yaseMaoti, eNanda, egwetshwe yinkantolo eNkulu yaseThekwini iminyaka ewu-485, izolo.
U-Amos Ganyeni Ngobeni ugwetshwe odilikajele ngamacala amane okudlwengula abesifazane ababeneminyaka emincane ngesikhathi begilwa, odilikajele abayisithupha ngokudlwengula ephindelela abantu besifazane abayisithupha, iminyaka ewu-90 ngamacala ayisithupha okudlwengula, icala ngalinye ugwetshwe iminyaka engu-15, iminyaka ewu-45 ngamacala angu15 okuphanga, iminyaka ewu-50 ngamacala awu-10 okuthumba, iminyaka engu-25 ngokugqekeza ngenhloso yokuyodlwengula, icala ngalinye iminyaka emihlanu, iminyaka engu-25 ngamacala amahlanu okuzama ukuphanga.
IJaji uShyam Gyanda lithe isenzo sikaNgobeni sabalimaza kakhulu abantu besifazane abaphoqa ukuya nabo ocansini engazivikelanga.
“Phakathi kwabagilwa kukhona owesifazane owayekhulelwe enezinyanga ezinhlanu, wakutshela ukuthi ukhulelwe, wena wathi uzwa kuthiwa kumnandi kakhulu ukuya ocansini nomuntu okhulelwe. Lo wesifazane wabe esezihlolelile ukuthi unalo yini igciwane lengculazi kwatholakala ukuthi akanalo kodwa ngemuva kokudlwengulwa kwatholakala ukuthi unegciwane lengculazi, kwadingeka adle imishanguzo yokuvikela ukuthi ingane yakhe ingalitholi igciwane, ngenhlanhla ingane ayilitholanga igciwane. Isenzo sakho asigcinanga ngokuhlambalaza nokuthunaza laba besifazane, wabulala impilo yabo,” kusho ijaji.
Owesifazane owumgilwa owayeneminyaka ewu-56 ngesikhathi edlwengulwa ngo-2016 uthe simjabulise kakhulu isigwebo yize singeke sikushintshe okwenzeka.
“Ngemuva kokudlwengulwa ngayeka umsebenzi ngoba ngisaba ukuthi kungenzeka umdlwenguli aphume ejele, aphinde angenzakalise. Ngiziphilisa ngokucosha amabhodlela namathini. Ngesikhathi ngihlolwa ngemuva kokudlwengulwa kwatholakala ukuthi ngesuleleke ngegciwane lengulazi. Akukho okungashintsha lesi simo kodwa ngiyajabula ukuthi sengizohamba ngokukhululeka ngazi ukuthi ugwetshiwe,”
Omunye wabagilwa owayeyintombi nto ngesikhathi edlwengulwa ngo-2012 uthe ukudlwengulwa kwamenza ukuthi angabathembi abantu besilisa.
“Kuba neziqubu lapho ngifikelwa uvalo uma nginomuntu wesilisa, kwaphoqeleka ukuthi ngize ngimazise uphathina wami ukuthi yini eyenza ngesinye isikhathi ngiziphathe ngendlela engajwayelekile. Bengihlala ngizivalele yize ngazi ukuthi uboshiwe, manje sengizokhululeka ngoba ngiyazi ukuthi ngeke aphume,” kusho yena.