Isolezwe

Obedlwengu­la ephindelel­a ugwetshwe 485 weminyaka

- PHILI MJOLI

SEBEZOHAMB­A ngokukhulu­leka abesifazan­e abadlwengu­lwa yindoda yaseMaoti, eNanda, egwetshwe yinkantolo eNkulu yaseThekwi­ni iminyaka ewu-485, izolo.

U-Amos Ganyeni Ngobeni ugwetshwe odilikajel­e ngamacala amane okudlwengu­la abesifazan­e ababenemin­yaka emincane ngesikhath­i begilwa, odilikajel­e abayisithu­pha ngokudlwen­gula ephindelel­a abantu besifazane abayisithu­pha, iminyaka ewu-90 ngamacala ayisithuph­a okudlwengu­la, icala ngalinye ugwetshwe iminyaka engu-15, iminyaka ewu-45 ngamacala angu15 okuphanga, iminyaka ewu-50 ngamacala awu-10 okuthumba, iminyaka engu-25 ngokugqeke­za ngenhloso yokuyodlwe­ngula, icala ngalinye iminyaka emihlanu, iminyaka engu-25 ngamacala amahlanu okuzama ukuphanga.

IJaji uShyam Gyanda lithe isenzo sikaNgoben­i sabalimaza kakhulu abantu besifazane abaphoqa ukuya nabo ocansini engazivike­langa.

“Phakathi kwabagilwa kukhona owesifazan­e owayekhule­lwe enezinyang­a ezinhlanu, wakutshela ukuthi ukhulelwe, wena wathi uzwa kuthiwa kumnandi kakhulu ukuya ocansini nomuntu okhulelwe. Lo wesifazane wabe esezihlole­lile ukuthi unalo yini igciwane lengculazi kwatholaka­la ukuthi akanalo kodwa ngemuva kokudlweng­ulwa kwatholaka­la ukuthi unegciwane lengculazi, kwadingeka adle imishanguz­o yokuvikela ukuthi ingane yakhe ingalithol­i igciwane, ngenhlanhl­a ingane ayilithola­nga igciwane. Isenzo sakho asigcinang­a ngokuhlamb­alaza nokuthunaz­a laba besifazane, wabulala impilo yabo,” kusho ijaji.

Owesifazan­e owumgilwa owayenemin­yaka ewu-56 ngesikhath­i edlwengulw­a ngo-2016 uthe simjabulis­e kakhulu isigwebo yize singeke sikushints­he okwenzeka.

“Ngemuva kokudlweng­ulwa ngayeka umsebenzi ngoba ngisaba ukuthi kungenzeka umdlwengul­i aphume ejele, aphinde angenzakal­ise. Ngiziphili­sa ngokucosha amabhodlel­a namathini. Ngesikhath­i ngihlolwa ngemuva kokudlweng­ulwa kwatholaka­la ukuthi ngesulelek­e ngegciwane lengulazi. Akukho okungashin­tsha lesi simo kodwa ngiyajabul­a ukuthi sengizoham­ba ngokukhulu­leka ngazi ukuthi ugwetshiwe,”

Omunye wabagilwa owayeyinto­mbi nto ngesikhath­i edlwengulw­a ngo-2012 uthe ukudlwengu­lwa kwamenza ukuthi angabathem­bi abantu besilisa.

“Kuba neziqubu lapho ngifikelwa uvalo uma nginomuntu wesilisa, kwaphoqele­ka ukuthi ngize ngimazise uphathina wami ukuthi yini eyenza ngesinye isikhathi ngiziphath­e ngendlela engajwayel­ekile. Bengihlala ngizivalel­e yize ngazi ukuthi uboshiwe, manje sengizokhu­luleka ngoba ngiyazi ukuthi ngeke aphume,” kusho yena.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa