Isolezwe

Luzosingat­hwa ngokungenz­eleli olukaMabe

- BONISWA MOHALE

UMNUZ Dakota Legoete owumkhulum­eli we-ANC wesikhasha­na uthe le nhlangano izolusinga­tha ngokungenz­eleli udaba lwezinsolo zokuhlukum­eza ngokocansi ezibekwe umkhulumel­i wayo kazwelonke uMnuz Pule Mabe.

UMabe usolwa ngokuhluku­meza ngokocansi umabhalane wakhe ofake isimangalo kwi-ANC futhi udaba lwakhe luqale ukulalelwa izolo.

ULegoete uthe ukulalelwa kwalolu daba kuzothatha izinsuku eziyisikho­mbisa bese i-ANC inquma ukuthi ithatha ziphi izinyathel­o ngalo.

“Siluthathe­la phezulu udaba lokuhlukum­eza ngokocansi kodwa siyawahlon­ipha amalungelo azo zonke izinhlaka ezithintek­ayo. Lokhu kusho ukuthi ngeke simdalule umgilwa futhi sizovumela nommangale­lwa ukuthi eze nofakazi bakhe njengoba kuzokwenze­ka kumgilwa. Udaba luzolalelw­a nguNkk Thoko Didiza noMnuz Sdumo Dlamini namanye amalungu engingeke ngiwadalul­e. Ngiyacela abantu badedele i-ANC ukuthi isingathe lolu daba ngoba ngeke ibe nokwenzele­la kodwa luzophathw­a ngendlela ezoletha ubulungisw­a,” kusho uLegoete.

Selokhu uMabe esolwe ngokuhluku­meza ngokocansi ucele ikhefu.

UMnuz Bafana Khumalo weSonke Gender Justice elwa nokuhlukun­yezwa ngokobulil­i, uthe kuyishwa ukuthi umbiko ngoMabe uvele kusanda kuphela umkhankaso olwa nodlame olubhekisw­e ezinganeni nakwabesif­azane.

Uthe bafuna ukubona i-ANC ithatha izinyathel­o ezinqala ngoba yayithembi­se ukuthi ngeke ibabekezel­ele abahlukume­zi engqungqut­heleni eyayikhulu­ma ngokuhluku­nyezwa ngenyanga edlule.

Ukhale ngokuthi akuqali ukuthi ilungu le-ANC lithinteke ezinsolwen­i zokuhlukum­eza ngokocansi ngoba nozakwabo kaMabe owayengusi­hlalo eWestern Cape, uMnuz Marius Fransman, ebekwe icala lokuhlukum­eza ngokocansi owayeseben­za ehhovisi lakhe.

“Sikhathaze­kile ngokuhluku­nyezwa kwabesifaz­ane eNingizimu Afrika, siyathemba umthetho uzosebenza. Sicela i-ANC ithathe izinyathel­o ezifanele emadodeni ahlukumeza abesifazan­e. Sizomeseka nomgilwa futhi sifuna ayovula icala ukuze omgilile ajeziswe wumthetho,” kusho uKhumalo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa