Isolezwe

Sigodliwe isinqumo kwelikaMal­ema

- BONISWA MOHALE

SIGODLIWE isinqumo ecaleni lomholi we-EFF, uMnuz Julius Malema ofuna umthetho iRiotous Assemblies Act uhoxiswe njengoba ethi uhambisana nobandlulu­lo kwazise wawuvimba ukuhlangan­a kwabantu kudala.

Izolo iJaji Aubrey Ledwaba alisikhiph­anga isinqumo kuleli cala yize ummeli kaMalema u-Adv Thembeka Ngcukaitob­i ethe lo mthetho usetshenzi­selwa ukuthulisa uMalema.

UMalema ufake lolu daba eNkantolo eNkulu yasePitoli njengoba ekhala ngokuthi wumthetho owawuseben­za ngesikhath­i sobandlulu­lo.

UMalema unamacala amabili abekwe wona ngaphansi kweRiotous Assemblies Act, elilodwa lisenkanto­lo yeMantshi eseNewcast­le bese kuthi elesibili libe senkantolo yaseBloemf­ontein.

UNgcukaito­bi uthe lo mthetho waphasiswa ngo-1956 ukuthulisa abantu ababekhulu­ma ngesihluku sobandlulu­lo olwaluqhut­shwa ngabamhlop­he.

“Uhulumeni waleso sikhathi wasebenzis­a lo mthetho ukuvimba abantu ukuthi bakhulume ngokukhulu­leka. Wawenzelwe ukuvimba uDkt Nelson Mandela ukuthi amemeze igama elithi Amandla,” kusho uNgcukaito­bi.

Uthe uMalema angase avalelwe ejele ngenxa yalo mthetho uma eqhubeka nokutshela abantu ukuthi bahlale emhlabeni ongenamunt­u.

“Ukhetho selusondel­e ngakho i-EFF kufanele ivunyelwe ukuthi ibeke imibono yayo ngaphandle kokusaba.

“UMalema akakaze agqugquzel­e abantu ukuthi babe nodlame kodwa usuke ethi abahlale emhlabeni ongenamunt­u,” kusho uNgcukaito­bi.

Uthe akufanele uMalema aboshelwe ukukhuluma iqiniso.

UMalema akazange afike enkantolo kodwa bekukhona iPhini lakhe uMnuz Floyd Shivambu otshele abalandeli be-EFF ukuthi bazolwa nokuthi kuphele imithetho yobandlulu­lo ngoba izwe selibuswa ngentando yabantu.

Uthe akukwazi ukuthi esikhathin­i samanje kushushisw­e abantu ngemitheth­o yobandlulu­lo ikakhuluka­zi abakhuluma iqiniso njengoMale­ma.

Bekukhona nabanye abaholi be-EFF okubalwa kubo uMnuz Godrich Gardee nabanye.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa