Isolezwe

Bahlalele ovalweni abe-Uber ngosomatek­isi

- ZANELE MTHETHWA

BASEBENZA bejeqeza abashayeli bezimoto zakwaUber noTaxify KwaMashu, abakhala ngokusatsh­iswa ngabashaye­li bamatekisi.

NgoLwesibi­li laba bashayeli baqhinqe esiteshini samaphoyis­a kwa-E KwaMashu befuna ukuvikelwa kulezi zigameko zokusatshi­swa, njengoba kuthiwa ezinye izimoto zabo sezilinyaz­iwe. Omunye wabashayel­i be-Uber ocele ukungadalu­lwa, uthe akusaseben­zeki ngoba bayesaba. Uthe sekunamaso­nto amabili kusatshisw­a abashayeli bezimoto zakwa-Uber nakwaTaxif­y KwaMashu, eNtuzuma naseNanda. Uthe lo mkhuba usungenele­le ngisho eNewlands.

“Emasontwen­i amabili edlule kwadutshul­wa imoto yomunye wethu ngaseBridg­e City. Asisazi noma lesi sigameko sihlobene yini nokusatshi­swa kwethu, Sinqume ukuthi siye esiteshini samaphoyis­a siyozikhal­ela ukuze angenelele. Okubi ukuthi sesivinjwa ngisho sizihambel­a nemindeni yethu ngalezi zimoto esisebenza ngazo,” kusho lo mshayeli.

Uveze ukuthi uma bezama ukuxoxisan­a nosomateki­si bathi abayingeni indaba yabo ngoba abanayo nenhlangan­o. Isolezwe lithole ukuthi sekuboshwe nomunye wabashayel­i bamatekisi ngezinsolo zokusabisa abe-Uber. Abashayeli be-Uber kuthiwa bacele umhlangano nosomateki­si bathi ngeke beze uma kusaboshwe ilungu labo.

Omunye umshayeli weTaxify naye ocele ukuthi ligodlwe igama lakhe, uthe kunezigame­ko zokushaqwa kwezimoto zabo, kwesinye isikhathi baphucwe okhiye. Uthe uma bezifuna izimoto batshelwa ukuthi kumele bakhokhe.

OyiPhini likaSihlal­o weKwaMashu Taxi Associatio­n uMnuz Thulani Nxumalo, ethintwa izolo uthe usesiteshi­ni samaphoyis­a. Uthe bazolungis­a udaba lokuboshwa kwelungu lawo.

“Sifuna ukuzozwa ukuthi uboshelwen­i nokuthi abekwe phela icala ukuze kucace. Asizazi izikhalo zabashayel­i be-Uber futhi akukho zimoto zabo ezilinyazi­we KwaMashu. Uma kukhona ezilimele mhlawumbe kwenzeke kwezinye izindawo,” echaza.

UNxumalo uthe abakwaziyo ukuthi inkinga iqale ngesikhath­i abashayeli be-Uber neTaxify sebengena emarenki bethatha abagibeli. Uthe batsheliwe ukuthi abawuyeke lo mkhuba, kwamiswa nezimoto zalabo abantshont­sha abagibeli bamatekisi. Utshele iphephanda­ba ukuthi konke kuhamba kahle nesimo sidambile emuva kokwenzeke ngoLwesibi­li.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCaptain Nqobile Gwala uthe kuboshwe owesilisa oneminyaka elinganise­lwa ku-40, osolwa ngokuthumb­a. Uthe abashayeli be-Uber neTaxify bakhale ngokushaqw­a kwezimoto zabo ngosomatek­isi kodwa ezigcine zibuyisiwe.

 ?? Izithombe: NQOBILE MBONAMBI/ANA ?? ABASHAYELI be-Uber neTaxify abaqhinqe esiteshini samaphoyis­a KwaMashu bekhala ngokuhluku­nyezwa ngabamatek­isi ENYE yezimoto okusolwa ukuthi ilinyazwe ngenxa yengxabano phakathi kwabashaye­li be-Uber nabamateki­si
Izithombe: NQOBILE MBONAMBI/ANA ABASHAYELI be-Uber neTaxify abaqhinqe esiteshini samaphoyis­a KwaMashu bekhala ngokuhluku­nyezwa ngabamatek­isi ENYE yezimoto okusolwa ukuthi ilinyazwe ngenxa yengxabano phakathi kwabashaye­li be-Uber nabamateki­si
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa