Isolezwe

Sichithwe yinkantolo esabaphake­la izikole

- MHLENGI SHANGASE

BAKHALE ngaphansi abaphakela izikole KwaZulu-Natal abayise uMnyango wezeMfundo enkantolo befuna kumiswe lonke uhlelo olukhona lokuqoka abazophake­la izikole.

INkantolo eNkulu yaseMgungu­ndlovu ichithe isicelo salabo sonkontile­ka abebefuna ingamiswa inkontilek­a yabo abayithola ngo2016/2017.

Okhulumela umnyango, uMnuz Sihle Mlotshwa, uthe labo sonkontile­ka bebefuna kumiswe ukuqokwa kwabazopha­ka befuna nokuthi umnyango ukhokhe izindleko zecala.

“Ithimba labameli bomnyango likwazile ukuphikisa­na nalokhu ngoba bazi kusuka ngoMashi kulo nyaka ukuthi umnyango uzoyinqamu­la inkontilek­a yabo. Baziswa futhi nokuthi bazoqhubek­a baphake kuze kuqokwe abasha abazokwenz­a lo msebenzi.” Uthe nakuba babazi ukuthi inkontilek­a izonqanyul­wa kodwa labo sonkontile­ka banqume ukufaka isicelo esiphuthum­ayo ngenyanga edlule. “Inkantolo ilisusile ohlwini leli cala ngoba ithi aliphuthum­i. Abameli bosonkonti­leka kumele bachaze ukuthi kungani kungamele bakhokhe izindleko zecala ngoba bafaka lolu daba bathi luyaphuthu­ma ekubeni babazi ukuthi aluphuthum­i.” UMlotshwa usho lokhu nje umnyango usanda kuphothula izigcawu zokuhambel­a izifunda ezehlukene lapho ubuchazela labo abafuna ukufaka izicelo zokuphakel­a izikole ngendlela okumele bayilandel­e. Lezi zigcawu bekugcwala kuthi phama abantu abafuna lo msebenzi ozokhishel­wa iminyaka emithathu.

“Siluphothu­lile lolu hlelo lokuhambel­a izifunda ezehlukene. Besilandel­a yonke imigomo ukuze kungabikho­na abakhalayo,” kusho uMlotshwa.

Ihlale ibangwa ithenda yokuphakel­a abafundi njengoba abaphakayo basuke bengafuni ukuphucwa iqatha emlonyeni.

Kuzokhumbu­leka ukuthi umnyango wayalelwa ukuthi uqale phansi lonke uhlelo lokuphakel­a abafundi.

Kwabe sekuqashwa ababephaka ukuthi benze lo msebenzi kuze kuqokwe abasha.

Abasha kulindelek­e ukuthi baqokwe ngonyaka ozayo.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa