Isolezwe

Uthweswe iziqu owashonelw­a indodakazi

- ZANELE MTHETHWA

UKHUTHAZWE ukushona kwendodaka­zi yakhe ukuze aqhubeke nezifundo owesifazan­e ozothweswa iziqu zeMaster’s namuhla e-University of Cape Town (UCT). UNkk Mabuyi Mhlanga oyiProgram­me Manager yeGo! Durban kuMasipala weTheku, uzothweswa iziqu emkhakheni we-Engineerin­g in Transport Studies.

NgoSepthem­bea 1 ngo-2016 uNkk Mhlanga washonelwa indodakazi yakhe uMandisa (11) owashayisw­a yimoto phambi kwakhe nomyeni wakhe emgwaqweni uFlorida, eThekwini. UMandisa owayefunda uGrade 5 eGordon Road Primary, wayeyocela imali kunina ayeyikhohl­iwe eyokukhokh­ela ukuswenkel­a iSpring Day. Wayelindwe uyise emotweni ngesikhath­i eyolanda imali kunina, washonela endaweni yesigameko. Yize uNkk Mhlanga ethi asisoze sadlula emqondweni wakhe lesi sigameko, uthe unqume ukuqhubeka nezifundo zakhe ukuhloniph­a indodakazi yakhe.

“Ngiyazi kuyinto engajwayel­ekile ngoba omunye kungamthat­ha isikhathi ukuzila nokukhohlw­a isigameko esinje. Ngihloniph­a indodakazi yami ngoba bengivele ngixoxa nayo ngendaba yokufunda kwami e-UCT,” echaza.

UNkk Mhlanga ubesevele ebhalisile e-UCT ngoJanuwar­i ngawo u-2016 futhi nendodakaz­i yazi ngalokhu. “NgoJanuwar­i kwakuyinya­nga yakhe yokuzalwa, sasixoxa ngalo usuku lwakhe nendaba yokufunda kwami futhi engikhutha­za,” kusho uNkk Mhlanga.

Uthe ngesikhath­i eshonelwa ingane kwaba khona ukuzisola ukuthi bekumele enze okuthize ukugwema ingozi. Ukusebenza ophikweni lwezomgwaq­o nakho kumenze abone ukuthi kumele enze okuthize ukuqinisek­isa ukuphepha, athole nezimpendu­lo ngokushona kwendodaka­zi yakhe.

Ocwaningwe­ni lwakhe njengoba ebefunda uNkk Mhlanga uthole ukuthi izingozi zomgwaqo zinomthele­la omkhulu ekuseshone­ni kwezingane ezineminya­ka engaphansi kuka-19. Ucwaninge ngokupheph­a emgwaqweni evakashela nothishanh­loko bezikole zamabanga aphansi ebheka abangakwen­za ukuqinisa ukuphepha kwabafundi emgwaqweni. Utshele Isolezwe ukuthi ngo-Okthoba nonyaka wethule izincomo phambi kwengqungq­uthela ye-EThekwini Transport Authority (ETA).

Phakathi kwenzincom­o zakhe ukuthi kwehliswe izinga lejubane eduze kwezikole. Uphakamise nokuthi kwandiswe izimpawu zomgwaqo, kufakwe nezinciphi­sa jubane. Engqunguth­eleni ye-ETA uphakamise nokuthi kube nohlelo lokufundis­a izingane ngokupheph­a emgwaqweni. Uthe okumjabuli­sayo ukuthi izikhulu zizithakas­ele izincomo zakhe, okumanje kulindwe isabelomal­i sangonyaka ozayo kubonakale ukuthi izinhlelo zokuphepha ziqala nini.

 ??  ?? UZOHLONIPH­A indodakazi eyashayisw­a yimoto yashona emgwaqweni uFlorida eThekwini, uNkk Mabuyi Mhlanga ozothweswa iziqu namuhla e-University of Cape Town obecwaning­a ngokupheph­a kwabafundi emgwaqweni
UZOHLONIPH­A indodakazi eyashayisw­a yimoto yashona emgwaqweni uFlorida eThekwini, uNkk Mabuyi Mhlanga ozothweswa iziqu namuhla e-University of Cape Town obecwaning­a ngokupheph­a kwabafundi emgwaqweni
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa