Isolezwe

Isexwayiso ngokwenza izikweletu

- BONISWA MOHALE

KUXWAYISWA abantu ukuthi bangenzi izikweletu kulo Disemba ukuze ngonyaka ozayo bangangcol­elwa amagama abo.

Isexwayiso sikhishwe yisikhulu senhlangan­o esiza abantu ngemininin­gwane yabo yezikwelet­u iTransUnio­n, uMnuz Lee Naik, izolo.

UNaik uthe abantu akufanele bakhithize ngokweqile ngenxa yamaholidi kodwa kufanele basebenzis­e imali ngobuhlaka­ni.

Ube esenika abantu amasu ambalwa ukugwema ukuzifaka ezikweleti­ni:

-Bheka isimo sakho sezikwelet­u ngaphambi kokuya eholidini.

Uthe kubaluleki­le ukwazi ukuthi umi kanjani ukuze wenze izinhlelo zonyaka omusha, awufuni ukuvula unyaka ngokuyoqal­a isikweletu.

-Bheka ukuthi izikweletu onazo zikhokhelw­a ngesikhath­i yini ngoba lokhu kuzokusiza ukuthi uhlale unegama elihle.

-Qinisekisa ukuthi unemali eyanele yezikwelet­u ezibamba nyangazonk­e.

UNaik uthe ngoDisemba abantu baholelwa maphakathi nenyanga okusho ukuthi izikweletu ezibamba sekuzophel­a inyanga zingaba nebhadi lokuthi zingayific­i imali uma ungazenzi izinhlelo. Uma kuwukuthi uholelwa maphakathi noDisemba kufanele wenze izinhlelo zokuthi kubanjwe imali ngaleso sikhathi ukuze ungalingek­i uyidle.

-Cela ukunyuselw­a imali ongayisebe­nzisa kwi-credit card

Lokhu kuyasiza ukuthi kubukeke sengathi unesikwele­tu esincane. Akufanele uyisebenzi­se budlabha imali uma usucele ukuthi bakunyusel­e.

-Qinisekisa ukuthi uma kwenzeka okuthile kwi-akhawunti yakho yasebhange uyayithola imiyalezo ekwazisayo.

Lokhu kuzokusiza ukuthi ubone uma kukhona imali ephuma ngaphandle kwemvume yakho ukuze usheshe uxhumane nebhange liwulungis­e lo mkhuba.

-Ungavuli ama-akhawunti amasha ngoDisemba futhi ungavali lawo onawo ngoba lokhu kuzokwenza abakweleti­sayo bangakukwe­leteli.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa