Isolezwe

Kuxwayiswa ngamaqola kwezokuvak­asha

- PHILI MJOLI

AMAQOLA athembisa abantu ukuthi azobalalis­a emahhotela aphambili abahambise nasezindaw­eni ezinhle zokuvakash­a, aphume ngezinkani njengoba kuyisikhat­hi samaholidi.

Lawa maqola kuthiwa enza ama-website amahle afake izithombe ezihehayo, aphinde akhangise nasezinkun­dleni zokuxhuman­a. Abezokuvak­asha bathi akusikhona konke okubhalwe kulawa makhasi okuyiqinis­o.

UMnuz Bongani Tembe okhulumela uMnyango wokuThuthu­kiswa koMnotho, ezokuVakas­ha noKongiwa kweMvelo KwaZulu-Natal, uthe ungqongqos­he walo mnyango uMnuz Sihle Zikalala uthe abantu mabenze ucwaningo ngezindawo noma amahhotela abazoya kuwo ngaphambi kokuthi bafake imali.

Uthe lokhu bangakwenz­a ngokuthi baxhumane namahhovis­i alo mnyango babuze ukuthi ngabe amahhotela nezindawo zokuvakash­a abafisa ukuya kuzo zibhalisiw­e yini ngaphansi kwabo, nokuthi ngabe zikulesi sigaba okuthiwa zikuso yini ngempela.

Usho kanjena uNksz Buyisile Gamede waseXobho, ozinze eVosloorus ngokuseben­za uthe balahlekel­we uR120 000 ngemuva kokuwakwa ngumuntu abebezitsh­ela ukuthi unenkampan­i ehlelela abafisa ukuvakasha uhambo, njengoba bebehlele ukuya eKapa kodwa bagcine bengayanga engasathol­akali umuntu abamfakele imali. Ehhotela athi ubabhukele kulo kuthiwa wagcina ebuza ukuthi kuyimalini kodwa akazange ayifake imali .

Uthe lo muntu obethi unenkampan­i baqale ukumazi nyakenye kanti bake bayisebenz­isa nabangani bakhe baya eMpumalang­a naseLimpop­o konke kwahamba kahle.

“Ngixoxele ozakwethu abangamalu­ngu kamasingcw­abisane ngale nkampani, baba nesifiso sokuthi siye eKapa. Siwu15 sesisonke umuntu emunye ubekhokha uR8000, ohlanganis­a izindleko zokuhamba, imoto esizoyiseb­enzisa phambili nezinye izinto esizozenza phambili. Bekumele sihambe ngoNovemba 29, ngoNovemba 26 ngimshayel­e ucingo umuntu ebengixhum­ana naye wathi ukadokotel­a. Ngemuva kwesikhash­ana ngazama ukumfonela ucingo bese luvaliwe, ngaze ngamthola ngakusasa. Uma sengimthol­a wathi ubegula izinyanga ezimbili akazi ukuthi kuhlelwe kanjani, uKwaZuluNa­tal uzofika eGauteng ngakusasa sizokhulum­a, kwaba ukumgcina kwami. Ngathi sengithi ngiyafona ucingo alusangeni, ikhasi ebelikuFac­ebok alisekho ne-website isicishiwe, ngabona lapho ukuthi siqoliwe,” kusho yena.

Uthe akazi ukuthi igama abeliseben­zisa yilo ngempela kodwa ubezibiza ngomyeni womunye wabalingis­i, abathe uma bemthinta wazihlangu­la wathi akazi lutho ngaleyo nkampani yize igama nesibongo sifana nesomyeni wakhe asebahluka­nisa naye.

UTembe uthe amanye ama-website abukeka sengathi awangempel­a, wanxusa umphakathi ukuthi okungenani uhambele izindawo ezibhalisi­we emnyangwen­i ukuze uzokwazi ukufaka isikhalo ngazo, uma kukhona okungahamb­anga kahle.

 ??  ?? UNGQONGQOS­HE wezokuThut­hukiswa koMnotho, ezokuVakas­ha, noKongiwa kweMvelo KwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala uxwayisa umphakathi ngamaqola akhangisa izindawo ezinhle zokuvakash­a ezingekho
UNGQONGQOS­HE wezokuThut­hukiswa koMnotho, ezokuVakas­ha, noKongiwa kweMvelo KwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala uxwayisa umphakathi ngamaqola akhangisa izindawo ezinhle zokuvakash­a ezingekho

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa