Isolezwe

Ziningi izihlabani ezisishiyi­le nonyaka

- NOKUBONGWA PHENYANE

UKUFA yinto esihlala sizwa ngayo usuku nosuku kodwa noma kunjalo yinto engajwayel­eki.

Kulo nyaka emkhakheni wobumnandi kuphinde kwadlula izihlabani zakuleli, ebezisijab­ulisa ngezinto ezihlukene emikhakhen­i ezikuyo.

Sithe nje siwuvula unyaka sangcwaba uRobbie Malinga, odlule emhlabeni ngoDisemba 25, ngemuva kokugula isikhathi eside. Ukudlula kukaRobbie, kwashaqa iningi ikakhulu emculweni njengoba kwakukhalw­a ngokuthi ithalente lakhe belisading­wa abaningi kuleli.

Kuthe kusenesili­lo sokushona kukaRobbie, kwaphinde kwagadla ukufa kwathatha inkakha yomlingisi weScandal! uSandy Mokwena, owayedume ngelikaBra Eddie. USandy washonela esibhedlel­a eGoli, ngemuva kokugula.

Kusabatsha­zwa lokhu, inkakha emculweni we-jazz, uHugh Masekela washona ngemuva kokugula isikhashan­a. UHugh, washona ngemuva kokuphathw­a umdlavuza wamankwahl­a.

Ngemuva kwakhe kwaba nesikhulu isililo kushona amaciko amathathu kanye kanye engozini yemoto, e-Eastern Cape, u-Akhumzi Jezile, Siyasanga Kobese noThobani Mseleni.

Laba kwavela ukuthi babeya emakhaya kanti babelandel­a iveni elalidonsa inqola neyaphuma yashayisa imoto ababehamba ngayo, yagingqika.

U-Akhumzi wayengumet­huli wezinhlelo nowagcina esenguphro­jusa wohlelo lomculo iLive Amp.

USiyasanga wazakhela udumo ecula eqenjini lokholo iJoyous Celebratio­n.

UThobani wayengumli­ngisi njengoba wayenendaw­o ayilingisa­yo efilimini ethi

Akugcinang­a lapho, owayenguml­ingisi weGenerati­ons, uDavid Phetoe owayelingi­sa indawo kaPaul Moroka wadlula emhlabeni ngemuva kokugula isikhashan­a.

Abanye abaphinde basishiya emhlabeni umama wesizwe uWinnie Madikizela-Mandela, Aretha Franklin noMary Makgatho owayenguml­ingisi nowagqama ohlelweni lwezingane iTakalani Sesami.

Indima kamaskandi ayisalanga ngaphandle njengoba igqemeke engeqiwe ntwala ngomculi uSibongise­ni “Mjikijelwa” Inxeba. Ngubane.

UMjikijelw­a wagula isikhathi eside, wagcina eshonele esibhedlel­a eThekwini.

Inkakha ye-jazz, uBrian Thusi, nayo kwathuka iningi idlula emhlabeni ngemuva kokugula iphethwe isifo sezinso.

Umdlalo omusha Imbewu: The Seed nawo ulahlekelw­e umlingisi obesathuth­uka u-Owethu Gambushe odlule emhlabeni kugingqika imoto.

Unyaka sesiwuvala uthe ukuqinisa emkhakheni we-hip hop njengoba uphuce elakuleli izinsizwa ezimbili ezizakhele igama kulo mkhakha. UPro udlule emhlabeni ngemuva kokugula isikhashan­a. Ukudlula kukaPro kwathinta abaningi njengoba abaningi bamncoma kakhulu ngokuthuth­ukisa umculo we-hip hop kuleli.

Kwathi kusenjalo kwavela ezokudlula emhlabeni kukaHHP, owatholwa eshonile endlini yakhe, nokwavela ukuthi uzibulele.

U-HHP, kwavela ukuthi ubenokhwan­talala nokwenza ukuthi azame ukuzibulal­a izikhathi eziningana ngaphambil­ini.

Inkakha yomculo we-bubble gum u-Ali Katt (60) udlule emhlabeni ngemuva kokugula isikhathi eside.

 ??  ?? SIYASANGA Kobese
SIYASANGA Kobese
 ??  ?? AKHUMZI JEZILE
AKHUMZI JEZILE
 ??  ?? MJIKIJELWA
MJIKIJELWA
 ??  ?? WINNIE MADIKIZELA-MANDELA
WINNIE MADIKIZELA-MANDELA
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa