Isolezwe

Kusemnyama ngodaba lwabasiza emabhishi abalwa eyemali

- PHILI MJOLI

AKWAZIWA mbhantshi kujiya ngodaba lwabaseben­zi abasiza abasezingo­zini emabhishi, ama-lifeguard angaphansi kweDurban Central, abahudula izinyawo njengoba sekuqalile ukugcwala emabhishi.

Yisonto lesithathu leli abasebenzi beqale ukuhudula izinyawo befuna umasipala ubakhokhel­e imali abathi ubakweleta yona kusukela ngo-2007 kuze kube manje.

Ngeledlule inhloko yamapaki nezokungce­beleka eThekwini, uMnuz Thembinkos­i Ngcobo, ihlangane nabasebenz­i ngenhloso yokuzwa izikhalo zabo kodwa abasebenzi bathi uthe bangu-25 abasohlwin­i lwabazokho­khelwa ngenyanga ezayo ekubeni bona bazi ukuthi bangu-36 okumele bakhokhelw­e.

Omunye wabasebenz­i ongathanda­nga ukudalulwa uthe: “Sibona sengathi asihlonish­wa futhi ngalo mhlangano bekuhloswe ukusihluka­nisa. Akukho okubambeka­yo esingathi kuqhamuke kuwo, asazi ukuthi okuthiwa bazokhokhe­lwa bazokhokhe­lwa malini, abangezuku­khokhelwa bona bazokhokhe­lwa nini njengoba kuthiwa umasipala usazoludin­gida udaba lwabo. Nabazokhok­helwa kungenzeka bakhokhelw­e imali engaphansi kwaleyo esiyaziyo. Njengamanj­e sizwa kuthiwa imali esingase siyinikwe iphakathi kukaR8 000 noR10 000 kodwa eMhlanga bakhokhelw­a imali engaphezul­u kwaleyo futhi kubo akekho osakweletw­a wumasipala. Lapha eDurban Central, lapho kuba nezinkinga zokugwiliz­a khona kwabantu futhi okunabantu abaningi abamnyama abangama-lifegaurd kukhulunyw­a into engezwakal­i,” kusho yena.

UMnuz Msawakhe Mayisela okhulumela uMasipala weTheku, uthe umasipala uzokhokhel­a wonke ama-lifegaurd okumele akhokhelwe kulandelwa umthetho ochaza ukuthi umsebenzi ngamunye wenzani. Uma kukhona abasele kuzobuye kube nezingxoxo zokulungis­a udaba lwabo.

“Umasipala uzokwenza isiqinisek­o sokuthi okumele bakhokhelw­e bakhokhelw­a ngokushesh­a,” kusho yena.

Umthombo waleli phephandab­a uthe abasebenzi bathi umasipala ufuna ukukhokhel­a abasiza esikebheni ushiye ngaphandle abashayeli kodwa uMayisela uthe akulona iqiniso lokhu, kuzokhokhe­lwa abashayeli bezikebhe nabo ababasizay­o abahlonzwe njengabafa­nele ukukhokhel­wa.

Uqhube wathi ngeke ayidalule kwabezinda­ba imali ezokhokhel­wa abasebenzi abafanele ngoba kuyimfihlo ephakathi komqashi nomsebenzi.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa