Isolezwe

Basenkinge­ni abesitokof­ela kuhamba owayesayin­ile

- BONISWA MOHALE

USENKINGEN­I owesifazan­e obesayinel­a imali yesitokofe­la nentombi kamfowabo evele yathutha endaweni emuva kokuthi eseshonile. Lo wesifazane esingeke simdalule igama ngenxa yokuthi abantu bezitokove­la bayahlasel­wa uveze ukuthi wayevule ibhuku nomfowabo osashona nentombi yakhe.

Kuthe uma sekushone umfowabo intombi yathutha, kuyimanje akayazi nokuthi ikuziphi izinkalo.

“Ngiyile ebhange Ithala eliseBridg­e City lapho besilondol­oza khona imali yesitokofe­la ngafike ngachaza ukuthi umfowethu akasekho futhi bengipheth­e nesitifike­ti sakhe esineminin­gwane yokuthi akasekho. Ngachaza ukuthi intombi yakhe esasisayin­e nayo angiyazi ukuthi ikuziphi izinkalo. Ngize ngaya emaphoyise­ni namakhosik­azi esidlala nawo isitokofel­a kodwa eThala bangitshel­a ukuthi angize nentombi kamfowethu. Angisazi ukuthi ngenze njani ngoba amakhosika­zi ayayifuna imali yawo,” kusho lo wesifazane.

Isikhulu esiphezulu sebhange, Ithala uMnuz Danny Zandamela, sithe uma kunezinguq­uko ezenzekayo ngemininin­gwane yabasayine­la imali yesitokofe­la kufanele ibhalwe phansi futhi kwaziswe nabasebhan­ge.

Uthe odabeni lowesifaza­ne othinte Isolezwe samukelwa isitifiket­i sokushona kukamfowab­o wacelwa ukuthi eze nowesifaza­ne osayinile ukuze kuphume imali.

“Ikhasimend­e (owesifazan­e) alizange lenze lokhu okwakushiw­o ebhange kodwa labuya nencwadi yamaphoyis­a eyayingash­o ukuthi leli lungu liyaphila noma selashona. Samukela isitifiket­i sokushona njengobufa­kazi bokuthi umuntu akasekho,” kusho uZandamela.

Uthe wumthetho wesitokofe­la othi imali ayiphumi uma umuntu ehamba yedwa kodwa kufanele eze nababhalis­we phansi noma nobufakazi obuphathek­ayo bokuthi kungani bengakwazi ukuza ebhange.

“Uma kukhona othuthayo kufanele amalungu esitokofel­a aye ebhange ayochaza. Kufanele othuthayo aphathe imininingw­ane enekheli lalapho ehlala khona naloyo omusha osezosayin­ela imali yesitokofe­la naye aphathe eyakhe. Izinguquko ezenzekayo kufanele zihambisan­e nomthethos­isekelo wesitokofe­la,” kusho uZandamela.

Ebuzwa ukuthi imali yesitokofe­la ngeke yini itholwe amalungu asele njengoba kunelungu elishonile?

Uthe wonke amabhange ane-akhawunti yesitokofe­la adinga kube nabantu abathathu abasayinel­a imali okuba wuSihlalo, uMgcinamaf­a noNobhala.

Uma kukhona oshonayo kulaba bantu, uZandamela uthe abasele kufanele beze nesitifike­ti sakhe sokushona futhi baqoke nozongena esikhundle­ni sakhe ukuze amalungu asele aqhubeke nokuthola imali yawo.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa