UScott unikelele oshise umuzi wazishisa naye
UNGGONGQOSHE wezeziMali KwaZulu-Natal unikelele umndeni wowesilisa waseMgungundlovu oshise umuzi wakubo naye wazibhunyela ngophethroli wazokhela washona, ngoMgqibelo.
UMnuz Samkelo Mlaba (29) waseRidge Park kuthiwa wenze lokhu ngemuva kokuxabana nonina, bebanga ukuthi igesi abethunywe ukuthi ayoyigcwalisa kubonakala sengathi ayigcwele kahle.
UNkk Belinda Scott uNgqongqoshe wezeziMali noshampeni waseMgungundlovu uvakashele lo mndeni, ngoLwesibili. Uthe lo mndeni ulahlekelwe kabili, ulahlekelwe yikhaya, walahlekelwa yindodana, ngesikhathi lapho imindeni eminingi izimisele ukujabula ndawonye njengoba kubhekwe kuKhisimusi.
Phakathi kwezinto ezinikelwe uNkk Scott kulo mndeni kubalwa izingubo zokulala, amabhodwe, izitsha, isitofu segesi, igilosa nokunye.
Ngesikhathi ehambele kulo mndeni ubephelezelwe uNgongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu KwaZuluNatal, uMnuz Ravi Pillay neMeya yaseMsunduzi uMnuz Themba Njilo, abazolekelela lo mndeni ngokulungisa izingxenye ezithile zomuzi ukuze ukwazi ukuhlala kuwo.
Lo muzi onamakamelo amahlanu obusanda kulungisa kuthiwa washa wangqongqa kwasha nempahla ebiphakathi.
“Sithinteke kakhulu ngalesi sehlakalo, ngaphansi kohlelo i-Operation Sukuma Sakhe sizokwenza iziqiniseko sokuthi umndeni uthola ukwesekwa okufanele,” kusho yena.
Lesi sigameko sishaqise abaningi ngoba kuthiwa umufi ushaye unina obekhala ngokuthi igesi ayigcwele kahle maqede wamtshela ukuthi uyothenga uphethroli azoshisa ngawo umuzi. Esahambile unina ufonele amaphoyisa, wabuya unina esachazela amaphoyisa ukuthi kwenzekeni, eqhamuka ngemuva kwendlu nommese wahlasela amaphoyisa.
Elinye lamaphoyisa ebelihlaselwa limdubule engalweni wabaleka, wangena endlini wayokhela ngomlilo naye wazokhela, washonela esangweni lakubo.