Musa ukuphawula ngemizimba yabanye abantu
NGINGOWESIFAZANE oneminyaka engu37, ngiyazithanda, ngiyazinakekela, ngihlanzekile futhi ngikhaliphile.
Ungazakhela isithombe sokuthi ngibukeka kanjani ngokwesidumbu kodwa ngizokwephulela lowo msebenzi ngikuchazele.
Selokhu kwathi nhlo inkaba ishone ngaphakathi esiswini, ngikuzwa ngendaba ukuba yilamba lidlile.
Nokho zike zibe khona izikhathi lapho ngikufisa khona kepha ukukhuluphala ngokomzimba akungikhathazi futhi kudala ngakwemukela.
Ngokwami asikho isidingo sokuchaza isidumbu sami ngoba kasishintshi ukucabanga kwami, kasiwushintshi umoya wami kanjalo nokusenhliziyweni yami.
Ngithathe isinqumo sokuchaza lokhu kule ngosi nje ngoba isingimi emphinjeni indlela abantu abakhuluphele abaphathwa ngayo emiphakathini.
Uthi usazihambela nje emgwaqweni uzwe umuntu ongakwazi ngisho isibongo ethi “Sdudla kunjani.”
Uthi usamangazwe yilokho uhlangane nomuntu omaziyo ekade nagcinana naye ababaze kudume izihosha “Usakhuluphele namanje, hhayi kusho ukuthi ngeke usancipha!”
Kokunye uzwe kubatshazwa omunye ukuthi usekhuluphele kangakanani, kumele anciphise isisindo ngoba ‘usonakele’.
Abanye bayabikelwa uma kuzoba nemicimbi emakubo noma ezihlotsheni ngoba kukhona abagade abakhuluphele abazele ukuzobabaza ubukhulu babo.
Imvamisa abakhuluphele bayaye bangabi nayo impendulo kulezi zinkulumo, nami ngingomunye wabo ngizenza omamathekayo ngingaphenduli.
Kambe iyiphi vele impendulo efanele okumele uqhamuke nayo umuntu ongeyena udokotela ekudilika ngomzimba wakho ongahlangene nakancane naye?
Ngokuloba ngalokhu ngifisa ukucacisa ukuthi ucasula futhi ujule kangakanani umkhuba wokuphawula sakugcona ngomzimba womuntu.
Kungabe isici sakhe noma isimo azithola ekuso esinciphisa noma esikhuluphalisa umzimba wakhe.
Okucabangayo kugcine kuwena ngoba kawazi kuzohlala kanjani kumuntu futhi imvamisa usuke ungazi nokuthi yini eholele ekutheni akhuluphale noma anciphe.
Ngifikelwa wugqozi lokubhala ngalokhu nje yingoba ngibe neshwa ngahlala eduze kwenye intokazi ebabaze ubukhulu bami ngaze ngaphoqeleka ukusuka eduze kwayo ngayohlala kwenye indawo.
Ukungaphatheki kahle kwami kuholele ekutheni ngigonyuluke ngabhala enkundleni yezokuxhumana, uFacebook ngalesi sehlo.
Abantu abaphawulile bebesho ngazwi linye ukuthi akulungile ukuphawula ngomzimba womuntu kodwa okungithintile ngukunanela kwabanye abangani bami abakhuluphele nabo abebeveza ukuxakeka nokukhathazeka kwabo ngezinkulumo zamihla le yokubatshazwa ukukhuluphala.
Zimbili izinhloso zale ngosi, eyokuqala ngukuninxusa bafundi ukuthi ezinkundleni ezehlukene esiyizingxenye zazo sike silivule ithuba lokuqwashisana ngalesi sihlava sokuphawula nokugcona umzimba womuntu.
Kungabe isemsebenzini, isesikoleni, isesontweni, iseqenjini oyilungu lalo, nginxusa abasemandleni ezigabeni ezehlukene ukuba bake bahlele kufundiswe abantu kunqandwe lo mkhuba ohambisana nobuqhwaga nokungafundiseki.
Inhloso yesibili ngeyokuqwashisa ngokuvele ukhulume noma yini. Lokhu kuyabulala, kungangakhipha izidumbu kepha kuphula umoya. Ngenxa yokuthi kasifani, abanye bangagcina sebezenyenza futhi bengazithembi.
Isicelo sami sithi asiyekeni ukukhuluma ngemizimba yabantu sizifundise nasempilweni ngokuba nomzuzwana wokucabanga ngaphambi kokuphawula, sizibuze ukuthi ngabe sikhona yini isidingo sokuphawula.
Lokho koyokwenza umuntu ongcono, sibe yisizwe esingcono.
Kwesithwele nabo kanzima ngokugconwa ngemizimba, masizithande futhi siphendule uma sigconwa singafeli ngaphakathi.