Isolezwe

Usewola izindondo owayehlekw­a esikoleni

- ZANELE MTHETHWA

IKHOLWA ukuthi izinkondlo izambulelw­a uMdali imbongi yaseMgungu­ndlovu esiwole izindondo ezingu-34 emicimbini ehlukene. UZwelithin­i Phetha ozibiza ngoNtathel­i waseMazulw­ini kulo mkhakha, indondo yokugcina ayitholile ngeyamaLiv­e Your Dreams Awards obekuncint­isana kuwo izimbongi ezingu-127 ezweni lonke. Lo mcimbi ubusePlayh­ouse eThekwini ngesonto eledlule.

UPhetha uthe wayiqala sakudlala indaba yokuhaya izinkondlo futhi ukube akabekezel­anga ngabe wayeka ngoba wayehlekwa esikoleni.

Uthe waqala ukuhaya izinkondlo ngo-2008 efunda eMlulama Secondary eHopewell, eMgungundl­ovu. Uthe waqala ngenkondlo eyayibhalw­e udadewabo ethi ‘Mzali waze Wahlupheka.’

“Udadewethu ubengeyona imbongi kodwa wayezibhal­ele nje le ndaba ngoba efuna ukukhuthaz­a abazali abahlushwa izingane. Ngayifunda ngayibona ifanelwe ukuba inkondlo.

“Ngayifunda ngaze ngayazi ngekhanda ngase ngicela ukuyihaya emthandazw­eni esikoleni. Izingane zangihleka ezinye zithi ngiyazibho­ra, ngasizwa uthisha wesiZulu owangikhut­haza ukuthi ngiqhubeke ngizibhale­le izinkondlo.”

Ngesikhath­i eqala ukuzibhale­la izinkondlo uthe wayezibhal­ela indaba nje ngoba ubengayazi nemigomo yokubhala izinkondlo.

Ngesikhath­i elokhu ehaya izinkondlo kuze kwangena kuyena ukuba yimbongi, waqala nokungenel­a imincintis­wano.

Umncintisw­ano aqala ukuwungene­la obuhlelwe abeLove Life, asephinde wawina kuwona kaningi. Nasesikole­ni ubemela isikole nakhona abuye nezindondo. Ukhethe ukusebenzi­sa izinkondlo ukuveza okuhle ngesikole sakhe.

Eminye imincintis­wano asewine kuyo kubalwa iKZN Capital Maskandi Awards, Azibuye Emasisweni neYoung Achivers Awards. Uthe imincintis­wano eminingi uyiwina iminyaka ilandelana.

UPhetha othi usezinhlel­weni zokuhlanga­nisa iCD yezinkondl­o, uthe akekho abukela kuyena kulo mkhakha kodwa ukholwa ukuthi uNkulunkul­u omnikeza azokubhala. Uthe uyaqashwa emicimbini futhi ubuye ahaye izinkondlo ebandleni lakhe iTruevine Community Church.

 ??  ?? ZWELITHINI PHETHA
ZWELITHINI PHETHA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa