Isolezwe

Olwamakhaz­a seludinga ihhovisi likaMengam­eli

-

UMNYANGO wezeMpilo KwaZulu-Natal usuze wakhetha ukubabopha abasebenzi bawo abasebenza emakhazeni ahlukene esifundazw­eni ngoba sekuphele isikhathi esingaphez­u kwenyanga singathola­kali isisombulu­lo esiteleken­i laba basebenzi abasiqala ngenyanga edlule.

Kuqale kwaboshwa abangu-17 basemakhaz­eni aseFort Napier eMgungundl­ovu nokuyilaph­o ukuhudula izinyawo kwabaseben­zi kwaqala khona. Laba basebenzi bebephula umyalelo wenkantolo yabasebenz­i ngokuqhube­ka nesiteleka ngoba bese benikwe izincwadi ezithi ababuyele emsebenzin­i njengokujw­ayelekile kuze kube babuyela enkantolo ngoFebhuwa­ri 8.

Bagcine bededelwe ngesexwayi­so ngoLwesibi­li. Kodwa ngalo futhi uLwesibili kuboshwe abasebenzi abangu-13 basemakhaz­eni akuGale Street eThekwini. Ngokusho kwenyunyan­a, i-National Public Service Workers Union nabasebenz­i baseStange­r bathole isexwayiso emaphoyise­ni ukuthi nabo bazoboshwa.

Sesiside isikhathi kunomdonsi­swano phakathi kwabaseben­zi basemakhaz­eni noMnyango wezeMpilo, esifundazw­eni futhi abaqali ukuteleka. Ziyazwakal­a izikhalo zabasebenz­i njengoba phakathi kwabakhala ngakho wukungabi nezinsizak­usebenza ezifanele nokubeka impilo yabo engcupheni. Umacashela­na odlalwa ngumnyango njengoba uthi ezinye izikhalo kumele zilungiswe uMnyango wezeMpilo kuzwelonke awuqondaka­li ngoba phela abasebenzi baphethwe esifundazw­eni. Kodwa-ke yize sizwelana nabasebenz­i kodwa siyakugxek­a ukuthi bonke babonakala bengayicab­angeli imindeni eshonelwe nehlukumez­ekayo uma sekubambez­eleka izinhlelo zayo zokungcwab­a.

Imindeni yabashonil­e ayingeni ndawo ezinkingen­i abasebenzi abanazo nomqashi wabo futhi kukhombisa ukungabi nalo uzwelo ukujezisa imindeni eshonelwe ngoba nakhu ulwa nomqashi wakho. Isifo siletha izindleko emndenini ngaphezu kobuhlungu osuke umndeni uvele ubhekene nawo wokushonel­wa. Ukubambeze­leka komngcwabo kwandisa izindleko nokuyinto ehlukumeza umndeni. Ngale nje kwamaphoyi­sa lolu daba luyadinga ukuthi lungenelel­we nayihhovis­i likaMengam­eli ngoba kuyacaca ukuthi uMnyango wezeMpilo esifundazw­e nakuzwelon­ke behlulekil­e.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa