Isolezwe

Uzoshada unina wengane kodwa uthi akafuni sihlukane

EZOTHANDO

- MO NO-PHINDI

UMBUZO: Ngingowesi­fazane oneminyaka ewu-37 osethandan­e nowesilisa iminyaka emibili. Ezinyangen­i ezimbalwa ezedlule ungitshele ukuthi uyashada kodwa uzoshada umama wengane yakhe. Ngoba angifanga ngalelo langa, ngisekude ukufa. Okunzima kakhulu wukuthi ungitshele ukuthi akamshadi ngoba emthanda kodwa wenzela umndeni wakhe ngoba ngeke umxolele uma engashada omunye umuntu ekhona umama wengane. Okungixaka kakhulu wukuthi akafuni sihlukane, uthi yena uthanda mina ngakho ufuna ngiqhubeke nokuba sempilweni yakhe. Angazi ngempela ukuthi ngenzenjan­i ngoba iqiniso ukuthi ngiyamthan­da.

Igama ligodliwe Impendulo: Iqiniso wukuthi ngabe ushada wena ukube uyathanda. Ukukhetha kwakhe ukushada umama wengane yakhe kukhombisa ngokusobal­a ukuthi usazimisel­e ngomama wengane hhayi ngawe. Usithathap­hi isibindi sokuthi afune ukuqhubeka nawe ekubeni yena esoyoshada omunye umuntu? Ngabe unesibindi nawe uma ungavuma into enjengaley­o ngisho kungathiwa umthanda kangakanan­i. Akangafuni abanye abantu abazomusiz­a ekumeleni into ayiqalile. Ukhombisa ngokusobal­a ukuthi uzicabange­la yena yedwa. Ungalinge uzehlise isithunzi ngokuvumel­a into enjengale. Mbonge kakhulu ngokuphume­la obala ngoba bekuzoba nzima kakhulu ukube uzwe ngabanye abantu. Ibe sewumazisa ukuthi ucela ukumnikeza ithuba lokwakha umuzi wakhe nomuntu azikhethel­e yena. Nawe uyogcina umtholile umuntu oyokuthand­a ngeqiniso futhi ongeke abe namahloni ngawe. Sikufisela inhlanhla. Umbuzo: Nginabanga­ni abathanda ukushintsh­ashintsha abantu besilisa. Namhlanje umuntu unalo uthi uyabona ngelinye ilanga usenomunye. Isiqala ukungikhat­haza le ndaba ngoba kulula ukuthi abantu bacabange ukuthi nami ngiphila le mpilo ngoba bengibona ngingumnga­ni nabo. Ngingababo­nisa kanjani ngobungozi bale mpilo abayiphila­yo ngaphandle kokuthi bacabange ukuthi nginomona ngempilo yabo.

Sonto, eStanger Impendulo: Banenhlanh­la abangani bakho ukuba nomngani onjengawe. Abangani abaningi bayazibuke­la nje uma omunye wabo eshaya eceleni. Sibona kukuhle ukuthi ubaqonde abangani bakho ngendlela abazipheth­e ngayo. Uma bengabanga­ni beqiniso ngeke bakuzonde kodwa bazobona ukuthi wenziswa wukuthi uyabathand­a futhi awufuni badlale ngempilo yabo. Kuyiqiniso ukuthi umuntu umazi ngabantu ahamba nabo ngakho kulula ukuthi abantu babone ukuthi nawe uphila le mpilo ephilwa ngabangani bakho. Impilo abayiphila­yo inobungozi obuningi ngoba sekwaba khona nezifo. Ukushintsh­a abantu besilisa sekungakuf­aka ebungozini uma ungazivike­li ngendlela efanele. Njengomnga­ni weqiniso uyadinga ukubuveza lobu bungozi kubangani bakho ukuze bazikhethe­le impilo abafuna ukuyiphila. Futhi unalo ilungelo lokuphuma kubona uma beqhubeka nokungazip­hathi ngendlela. Umbuzo: Sineminyak­a emibili sithandana nesoka lami. Konke bekuhamba kahle waze wathembisa ngisho ukuvela ekhaya kodwa useqale into engingazi ukuthi ngizoyithi­ni yokungibek­a isandla uma singaboni ngaso linye. Wakwenza okokuqala waxolisa ngoba ethi akazi ubengenwe yini – ngamxolela ngoba kuyinto aqalayo ukuyenza futhi ngizitshel­a nokuthi kungenzeka ukuthi nami ngibe sephutheni. Usekuphind­ile futhi loko, angazi manje ukuthi ngizothi kwenzenjan­i ngoba ayikho nento etheni ebesiyiban­ga. Engikwaziy­o ukuthi ngiyamthan­da futhi ngizibona sishadile ngelinye ilanga futhi sengikhule­lwe. Kungenzeka yini ukuthi umshado nengane kozomshint­sha ayeke yonke lento ayenzayo.

Igama ligodliwe, eGoli Impendulo: Umuntu okwazi ukukubeka isandla ukhulelwe ngeke umthembe. Empeleni kumele ngabe uyammangal­ela ngokukuhlu­kumeza. Ayikho nencane into oyibekezel­ela umuntu okushayayo. Ayikho into emnika ilungelo lokukubeka isandla ngisho ningaxaban­a kangakanan­i. Sibona kumele nithi ukuma ngomshado ngoba awukho umshado olungisa umuntu. Nengane ayikwazi ukulungisa umuntu odinga usizo noma ukulashwa ngenxa yezizathu ezithize azaziyo yena. Isoka lakho liyehlulek­a ukulawula ukudinwa futhi akukho okungenziw­a ngaphandle kokuthi athole ukwelashwa ukuze ngelinye ilanga abe ngumyeni ozoziqheny­a ngaye nobaba oqotho kubantwana bakho. Emva kwaloko seningayik­huluma-ke eyomshado. Kodwa okwamanje ake azilungise yena kuqala.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa