Uzoshada unina wengane kodwa uthi akafuni sihlukane
EZOTHANDO
UMBUZO: Ngingowesifazane oneminyaka ewu-37 osethandane nowesilisa iminyaka emibili. Ezinyangeni ezimbalwa ezedlule ungitshele ukuthi uyashada kodwa uzoshada umama wengane yakhe. Ngoba angifanga ngalelo langa, ngisekude ukufa. Okunzima kakhulu wukuthi ungitshele ukuthi akamshadi ngoba emthanda kodwa wenzela umndeni wakhe ngoba ngeke umxolele uma engashada omunye umuntu ekhona umama wengane. Okungixaka kakhulu wukuthi akafuni sihlukane, uthi yena uthanda mina ngakho ufuna ngiqhubeke nokuba sempilweni yakhe. Angazi ngempela ukuthi ngenzenjani ngoba iqiniso ukuthi ngiyamthanda.
Igama ligodliwe Impendulo: Iqiniso wukuthi ngabe ushada wena ukube uyathanda. Ukukhetha kwakhe ukushada umama wengane yakhe kukhombisa ngokusobala ukuthi usazimisele ngomama wengane hhayi ngawe. Usithathaphi isibindi sokuthi afune ukuqhubeka nawe ekubeni yena esoyoshada omunye umuntu? Ngabe unesibindi nawe uma ungavuma into enjengaleyo ngisho kungathiwa umthanda kangakanani. Akangafuni abanye abantu abazomusiza ekumeleni into ayiqalile. Ukhombisa ngokusobala ukuthi uzicabangela yena yedwa. Ungalinge uzehlise isithunzi ngokuvumela into enjengale. Mbonge kakhulu ngokuphumela obala ngoba bekuzoba nzima kakhulu ukube uzwe ngabanye abantu. Ibe sewumazisa ukuthi ucela ukumnikeza ithuba lokwakha umuzi wakhe nomuntu azikhethele yena. Nawe uyogcina umtholile umuntu oyokuthanda ngeqiniso futhi ongeke abe namahloni ngawe. Sikufisela inhlanhla. Umbuzo: Nginabangani abathanda ukushintshashintsha abantu besilisa. Namhlanje umuntu unalo uthi uyabona ngelinye ilanga usenomunye. Isiqala ukungikhathaza le ndaba ngoba kulula ukuthi abantu bacabange ukuthi nami ngiphila le mpilo ngoba bengibona ngingumngani nabo. Ngingababonisa kanjani ngobungozi bale mpilo abayiphilayo ngaphandle kokuthi bacabange ukuthi nginomona ngempilo yabo.
Sonto, eStanger Impendulo: Banenhlanhla abangani bakho ukuba nomngani onjengawe. Abangani abaningi bayazibukela nje uma omunye wabo eshaya eceleni. Sibona kukuhle ukuthi ubaqonde abangani bakho ngendlela abaziphethe ngayo. Uma bengabangani beqiniso ngeke bakuzonde kodwa bazobona ukuthi wenziswa wukuthi uyabathanda futhi awufuni badlale ngempilo yabo. Kuyiqiniso ukuthi umuntu umazi ngabantu ahamba nabo ngakho kulula ukuthi abantu babone ukuthi nawe uphila le mpilo ephilwa ngabangani bakho. Impilo abayiphilayo inobungozi obuningi ngoba sekwaba khona nezifo. Ukushintsha abantu besilisa sekungakufaka ebungozini uma ungazivikeli ngendlela efanele. Njengomngani weqiniso uyadinga ukubuveza lobu bungozi kubangani bakho ukuze bazikhethele impilo abafuna ukuyiphila. Futhi unalo ilungelo lokuphuma kubona uma beqhubeka nokungaziphathi ngendlela. Umbuzo: Sineminyaka emibili sithandana nesoka lami. Konke bekuhamba kahle waze wathembisa ngisho ukuvela ekhaya kodwa useqale into engingazi ukuthi ngizoyithini yokungibeka isandla uma singaboni ngaso linye. Wakwenza okokuqala waxolisa ngoba ethi akazi ubengenwe yini – ngamxolela ngoba kuyinto aqalayo ukuyenza futhi ngizitshela nokuthi kungenzeka ukuthi nami ngibe sephutheni. Usekuphindile futhi loko, angazi manje ukuthi ngizothi kwenzenjani ngoba ayikho nento etheni ebesiyibanga. Engikwaziyo ukuthi ngiyamthanda futhi ngizibona sishadile ngelinye ilanga futhi sengikhulelwe. Kungenzeka yini ukuthi umshado nengane kozomshintsha ayeke yonke lento ayenzayo.
Igama ligodliwe, eGoli Impendulo: Umuntu okwazi ukukubeka isandla ukhulelwe ngeke umthembe. Empeleni kumele ngabe uyammangalela ngokukuhlukumeza. Ayikho nencane into oyibekezelela umuntu okushayayo. Ayikho into emnika ilungelo lokukubeka isandla ngisho ningaxabana kangakanani. Sibona kumele nithi ukuma ngomshado ngoba awukho umshado olungisa umuntu. Nengane ayikwazi ukulungisa umuntu odinga usizo noma ukulashwa ngenxa yezizathu ezithize azaziyo yena. Isoka lakho liyehluleka ukulawula ukudinwa futhi akukho okungenziwa ngaphandle kokuthi athole ukwelashwa ukuze ngelinye ilanga abe ngumyeni ozoziqhenya ngaye nobaba oqotho kubantwana bakho. Emva kwaloko seningayikhuluma-ke eyomshado. Kodwa okwamanje ake azilungise yena kuqala.