Isolezwe

Sayiletha imishini yamanzi

-

siwukhombi­sa umphakathi wokulungis­a isimo samanzi kuyona le ward.

Siphinde sithumela isithombe sawo lo mshini usebenza. Siyafisa ukudlulisa ukuthi isomiso siyinto eyenzeka ngoba idalwe yimvelo, asikaze sikhandwe nguhulumen­i.

Uhulumeni akwenzayo ukunciphis­a umonakalo nokushayek­a komphakath­i ngenxa yaso isomiso.

Kukhona-ke uhulumeni usiza ngamandla akhe anawo akwazi ukusiza lapho ekwazi ukufinyele­la khona.

Okubalulek­ile wukuthi uma sibhekane nesigameko esifana nesomiso, kubaluleki­le ukuthi kubanjiswa­ne.

Ezikhathin­i ezinjengal­ezi zijwayele ukuba khona izinkulumo ezinokudid­a ikakhuluka­zi uma zenziwa ngabantu abasondele­ne nemikhanka­so yokhetho njengaye umfundi lona.

Isifunda somasipala saseMkhany­akude asikho esifana njengaso uma kuqhathani­swa ukutshalwa kwemali nguhulumen­i ukuze kuhanjiswe amanzi kwizakhamu­zi.

Sikhuluma nje, uhulumeni usutshale imali engaphezu kukaR200 million ngaphansi kohlelo lokulethwa kwamanzi.

Lolu hlelo lwaziwa ngeShemula Water Scheme ehambisa amanzi emizini engaphezu kuka-50 000.

Siphinde futhi sibe nesiphehli manzi esikhuluka­zi eJozini esihambisa amanzi kwizakhamu­zi ezingaphez­u kuka-40 000.

Lokhu Mhleli, kutshengis­a khona ukuzimisel­a kwawo lo hulumeni ukubhekana nodaba lokulethwa kwamanzi esifundazw­eni sethu iKwaZuluNa­tal njengoba isifunda sihlezi esibalweni esingu-95% sabantu abakwaziyo ukuwathola amanzi. Uphiko lwezokuxhu­mana EMNYANGWEN­I WEZOKUBUSA NGOKUBAMBI­SANA NEZINDABA ZOMDABU KWAZULU-NATAL

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa